SISHAYELWE ihlombe isinqumo sikaNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube oyilungu le-DA, sokumisa ukukhishwa kwethenda ka-R9.8 billion, enkampanini eyodwa ebizophakela izikole kuleli.
Le thenda kuthiwa imiswe emva kokuba kukhona abahlabe umkhosi besola inkohlakalo njengoba yakhishwa engakabikhona ungqongqoshe kulo mnyango.
Kuthiwa yakhishwa ngesikhathi kumatasa nezingxoxo zokubumba uhulumeni wokubambisana kwamaqembu ahlukene.
Okhulumela i-DA, uNksz Karabo Khakhau, uthe bayasamukela lesi sinyathelo wathi akumele kube nomfundi ozolamba.
Uveze ukuthi lolu hlelo lubaluleke kakhulu ngoba abanye abafundi kukhona ukudla abakutholayo ngosuku.
“Kubalulekile ukuthi lolu hlelo luphumelele ngenxa yesimo sendlala esibhekene nezwe. Kucacile ukuthi ezinye izifundazwe ziyehluleka ukulawula ngendlela lolu hlelo ngakho kumele zisike iphethini kulezo ezenza kahle.”
Okhulumela inhlangano ephakela izikole KwaZulu-Natal, i-NSNP Service Providers Association, uMnuz Thabang Mncwabe, usincomile isinyathelo sikaNksz Gwarube.
Uthe bayakuchitha ukuthi uhlelo lunikwe inkampani eyodwa ezophakela izwe lonke.
“Inhloso yalolu hlelo wukufukula abesifazane, abalimi nezinhlaka ezehlukene okubalwa nentsha. Sikhathazekile ngoba uhlelo olufuze lolu lwaba nezingqinamba esifundazweni umnyango wagcina ukhokhe imali enkulu.”
Uthe bayakhathazeka uma umsebenzi omkhulu njengalo unikwa umuntu oyedwa.
Lolu hlelo luhlomulisa abafundi abevile ku-9.6 million nsuku zonke.
Esifundazweni inkampani eyodwa eyayithole lo msebenzi wokusabalalisa ukudla ezikoleni zesifundazwe, yabhekana nezingqinamba kwadingeka ukuthi umnyango ubuyele ohlelweni oludala lokuthi osonkontileka bazihambisele ukudla ngqo ezikoleni.
Izinkinga zazifaka ukungafiki ngesikhathi kokudla ezikoleni eziningi.