SEKUPHELE amasonto amabili isikole samabanga aphezulu iMbilane High esizinze oLundi, singenawo amanzi, okuphoqe ukuthi izingane zihlaliswe emakhaya.
Ngokusho kukasihlalo wesigungu esengamele isikole, uMnuz Sihle Shandu, amanzi avalwe kulesi sikole ngenxa yokuthi umasipala iZululand ukweletwa uMnyango wezeMfundo izindodla zemali.
Ekhuluma neSolezwe, uthe balahlekelwe isikhathi esiningi sokufunda obekumele basisebenzise.
“Isikole sisivale ngoLwesihlanu ngesonto eledlule ngoba amanzi abengekho. Silahlekelwe amaviki amabili agcwele okufanele engabe izingane bezifunda futhi isizathu sikamasipala abasitshela sona ukuthi uMnyango wezeMfundo uyabakweleta,” kusho uShandu.
Uthe umasipala ubatshele ukuthi uma befuna ukuthola amanzi kumele bawakhokhele.
“Thina njengesikole asiwukweleti lutho umasipala ngoba siwukhokhelile. Amanzi sigcina sesiwathenga njengoba sikhokha u-R750 ngamalitha angu-5 000 ithangi lamanzi ngalinye, okubi ukuthi sithatha emalini yabazali njengoba iningi labo lingasebenzi futhi bengakwazi nokukhokha imali yesikole,” usho kanje.
Uthe njengoba izingane abanazo esikoleni zingu-1002, amanzi bayawadinga kakhulu ngoba bawasebenzisa ezindaweni eziningi.
“Siwasebenzisela ukuphekela izingane, ezindlini zangasese nokuphuza, ngakho-ke asazi ukuthi njengoba sinamathangi amathathu okugcina amanzi, azosanela yini,” ubeke kanje.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo, KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe bebengazi ngalesi simo.
“Besingalwazi lolu daba oluphazamisayo, kuyishwa ngoba abafundi nothisha bayathinteka. Silinde umbiko ovela ezinhlakeni ezifanele ngalolu daba,” kusho uMlotshwa.
Khonamanjalo: Usihlalo weqembu le-ActionSA, KwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango, ubhalele eHhovisi likaNdunankulu, uMnuz Thami Ntuli, ekhala ngayo le ndaba yokunqanyulwa kwamanzi eMbilane High.
“Njengeqembu kasineme ngesinqumo esithathwe uMasipala waseZululand sokunqamula amanzi. Ngesikhathi seCovid-19, isikole iMbilane sasingezinye sezikole esanikelelwa ngamathangi amanzi sinikwa umasipala, ngokwazi ukuthi uMnyango wezeMfundo uzokhokha izindleko,” kusho uMncwango.
Uthe ukungakhokhi koMnyango wezeMfundo kubangele ukuthi i-borehole isikole ebesithembele kuyo nayo iphelelwe amanzi.
IMeya yaseZululanda uMnuz Michael Khumalo, uthe umasipala kudingeke ukuthi unqamule ukuhlinzekwa kwamanzi ezakhiweni zoMnyango wezeMfundo kulesi sifunda ngenxa yesikweletu sika-R4 million. ‘Kusuka ngo-2022 sizamile ukuxhumana nomnyango ukuze wenze izinhlelo zokuxazulula le nkinga. Siyi-Water Service Authority sikhathazekile ngalesi simo yingakho sisahubeka nokuxoxisana noMnyango wezeMfundo ukuze uvume lesi sikweletu bese ukhokha.’
.