KULINDELEKE ukuthi lenyuke izinga lezibalo zabafundi abenze kahle uma uqhathanisa nabekilasi lika-2022, uma sekumenyezelwa imiphumela ka-matric, okulindeleke imenyezelwe wuNgqongqoshe woMnyango weMfundo eyisiSekelo uNkk Angie Motshekga namhlanje ebusuku.
UMnuz Mathanzima Mweli onguMqondisi-jikelele ehhovisi lomnyango, uthe ikilasi lika-2023 lingelokuqala ukusuka ngo-2020, elinabafundi abangazange bachaphazelwe kangako wubhubhane iCovid 19.
Ngesikhathi kugasela lesi sifo kuleli ngo-2020, iningi labebebhala ngonyaka odlule belifunda u-Grade-9, kanti eminyakeni emibili edlule lolu bhubhane bese lungasenawo amandla, isimo sesibuyele kwesijwayelekile.
UMathanzima obekhuluma nabeziko lezindaba lakwa-eNCA ngaphambi kokuqala kwesidlo sasekuseni emcimbini wokuhlonishwa kwabafundi abenze kahle osePitoli namhlanje, uthe: “Ngesikhathi ngikhuluma nabo, ngithe basendaweni engcono yokwenza kahle uma kuqhathaniswa nozakwabo abebefunda eminyakeni edlule ngenxa yalesi sizathu. Ngakho silinde ukubona leyo miphumela,” usho kanje.
Imiphumela ka-matric 2023, ilindwe ngamehlo abomvu, kanti abezikole ezizimele ezingaphansi kwe-Independent Examination Board, baphase ngo- 98,4%.