KULINDELEKE ukuba azinikele namhlanje kwabomthetho owayeyisikhulu samaphoyisa KwaZulu-Natal okuthiwa ufunwa mayelana necala lethenda kaR47 million yezindawo zokuhlaliswa kwamaphoyisa ngo-2010.
UNkk Mmamonnye Ngobeni ufunwa yi-Investigating Directorate (ID) yeNPA.
NgoLwesihlanu ekuseni kuboshwe usomabhizinisi uMnuz Thoshan Panday nephoyisa uColonel Navin Madhoe ngamacala okukhwabanisa nenkohlakalo mayelana nethenda bavela eNkantolo yeMantshi eThekwini.
UPanday udedelwe ngebheyili kaR100 000 kwathi Madhoe wadedelwa ngekaR10 000.
Icala lihlehliselwa uNovemba 11.
Ithenda sekuke kwafakazwa ngayo kwikhomishini ephenya ngokulawulwa koMbuso yindlazane kwathiwa kwakukhushulwa imali yokuqashisa ngezindawo zokuhlala amaphoyisa.
UPanday kuthiwa wayesebenzisana nawo amaphoyisa ukwenza
lokhu.
Izolo okhulumela i-NPA, uMnuz Sipho Ngwema, ukuqinisekisile ukuthi kukhona abanye ababili okulindeleke ukuba bazinikele namhlanje.
Kade ebuzwa ngoNkk Ngobeni ukuthi ngabe bayamthungatha yini ngamacala. Esitatimendeni asithumelele Isolezwe uthe: “Abasolwa ababili ecaleni likaPanday nelinye lokukhwabanisa uR47 million kulindeleke ukuthi bazinikele esiteshini iDurban Central ngo-8 ekuseni. Bazobe sebeyiswa enkantolo yaseThekwini ukuze bacele ibheyili.”
Akazange ebadalule amagama labo abazozinikela. Phambilini amacala ayephenywa woKlebe kodwa manje asephenywa yi-ID ephenya wonke amacala okwakubukeka enyathelwa.Imizamo yeSolezwe yokuthola uNkk Ngobeni ukuba aphawule ngalolu daba, ayizange iphumelele izolo njengoba inombolo yakhe ingazange itholakale.