KULIMALE abafundi ababili ngesikhathi kusha umjondolo oyikubo eLindelani ngeSonto ebusuku.
Abafundi bebekade bebodwa ekhaya unina egade ingane yakwamakhelwane. Balale bangalicishanga ikhandlela ngenxa yokuthi omncane kubo ubehanjiswa yisisu. Emuva kokuba bezumekile ikhandlela liwile lokhela umbhede kwasha wonke umjondolo.
Unina wabo, uNksz Sibongile Mazeka, uthe uzwe esemenyezwa kuthiwa akaphuthume kuyasha ekhaya kade ekamakhelwane egade ingane. Akakwazanga ukukhipha lutho ngaphandle kwezingane.
“Unina wengane engiyigadayo usebenza e-restaurant. Kuyenzeka afike phakathi kwamabili. Mina ngisuke ngikwakhe ngimgadele ingane, uma esefikile ngibuye ngize kwami. Indodakazi yami encane ibihanjiswa yisisu, ibilokhu iphuma iya ethoyilethi base bekhetha ukungalicishi ikhandlela benzela ukuthi kube lula uma evuka. Ngicabanga ukuthi bazumekile kanti ikhandlela lizowa kushe indlu yonke.”
UNksz Mazeka uthe indodana yakhe (17), efunda eKhalipha Special School, isesesibhedlela, eneminyaka ewu-12 ayilimalanga, eneminyaka eyisishiyagalombili yelashwe yadedelwa.
Njengamanje umndeni usaqutshiswe wumakhelwane ngoba kushe yonke into ebiphakathi endlini.
Umakhelwane, uNksz Zanele Mtshali, uthe bazamile ukusiza umndeni ngezingubo kodwa nabo abanakho okwanele abangawunikeza wona ukuze uphile inyanga yonke ngoba uphila ngemali yesibonelelo sikahulumeni.
UNksz Mazeka uthe ubeseyiholile imali yale nyanga wathenga imifaniswano yesikole nezinye izinto ezidingwa yizingane kodwa konke kushile ngesikhathi kusha umjondolo.
Ikhansela lendawo, uMnuz Simo Khuboni, lithe libikelwe ngodaba futhi liseke lawuvakashela umndeni.
“Izolo balale kwamakhelwane. Ngisabikele uphiko lwezinhlekelele kwamasipala. Luzofika kulo mndeni kubonakale ukuthi ungasizakala kanjani,” kusho uKhuboni.