INZIMA impilo kubantu abasha abangasebenzi njengoba izibalo zabangasebenzi zilokhu zikhula unyaka nonyaka.
IStatsSA iveze ukuthi kuphele imisebenzi ewu-67 000 noma ewu-0.6% kusukela ngoDisemba wonyaka odlule kuze kube wuMashi walo nyaka. Lokhu kusho ukuthi abangasatohozi sebewu-10 664 000.
Imisebenzi iphele emkhakheni wezohwebo lapho kuphele ewu-57 000, kwezemiphakathi ewu-18 000, ezamabhizinisi ewu-4 000 nezezimayini ewu-3000.
Isolezwe likhulume nentokazi yaseMlaza (28) eyaphothula iziqu ze-BA Industrial Sociology eNyuvesi yaseZululand ngo-2019, eveze ukuthi selokhu yaqeda ukufunda ayiwutholi umsebenzi yize iwufuna.
Iveze ukuthi inzima impilo yokungasebenzi uma uwumuntu omusha ngoba kufanele ucele imali ye-data lokungena kuma-website ahlukene okubheka umsebenzi, ucele imali yokwenza amakhophi lapho kuposwa khona kanjalo nemali yokugibela uma usubizelwe ukuyokwenza inhlolokhono.
Le ntokazi engathandanga ukudalulwa igama ngoba inqena amehlo abantu, ithe ayiwutholi noR350 wabangasebenzi kodwa iye izame amatoho ezindaweni ezihlukene.
“Siyazi ukuthi uhulumeni ugxile emkhakheni wesayensi kodwa zikhona nezinye izifundo ezingagxilile kwisayensi lapho abantu bedinga khona imisebenzi. Kungakuhle ukuthi angayikhohlwa naleyo mikhakha adale amathuba omsebenzi. Ngiyazifaka izicelo zomsebenzi ezinhlelweni ezibhekelele abantu abasha abangasebenzi kodwa angikaze ngibe nenhlanhla yokutohoza kuzo,” kusho le ntokazi.
IStatsSA sithe abantu abaqashiwe sehle ngo-29 000 noma u-0.3% sisuka ku-9 513 000 ngoDisemba wonyaka odlule saya ku-9 484 000 ngoMashi walo nyaka.
Isazi somnotho sakwaFNB, uNksz Koketso Mano, sithe kuyakhathaza ukuthi sebevile ku-10.6 million abantu abangasebenzi kuleli.
Unxuse uhulumeni ukuthi udaba lokudalwa kwemisebenzi lube seqhulwini lwezinhlelo zakhe ngoba abantu abangasebenzi baphelelwa yithemba.
Uveze ukuthi izinga lokuphila eNingizimu Afrika liyabiza ngisho abantu abasebenzayo abakwazi ukumelana nezindleko zempilo.