NONTUTHUKO NGUBANE
INJABULO ibibhalwe ebusweni ezintombini ezingu-10 zinikezwa umklomelo ka-R5 000 umuntu ngamunye ngokuzigcina odluliselwe kuzona uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uNkk Nomusa Dube-Ncube izolo eCity Hall eMgungundlovu.
Umcimbi bekungowoku-klomelisa abanqoba kwi-The Festival of Beads eyayiseMbali, eMgungundlovu, wenziwe ngokuhlanganyela neDarkChild Brandz noMnyango. Imiklomelo yosuku okuyimali ewukheshi ifike ku-R295 000.
Izintombi ezingaphezu kweminyaka engu-25 zithole u-R50 000 isihlanganisiwe imali yazo. Ziphume seziyiphethe imali ezinye zikikiza.
Owesifazane onconywe ngobuhlalu nangezidwaba azithungayo uNkk Thulisile Mkhize uthe uhlelo lwe-The Festival of beads selufana nomyeni wakhe.
UNkk Dube-Ncube uthe kuhle ukuthuthukiswa kwabantu basemakhaya kusetshenziswa ubuhlalu.
“Kusenza siziqhenye ukwenza umehluko kubantu bakuleli noma ngabe muncane. Kuyathokozisa ukubona omama nezintombi nezinsizwa ezivela emakhaya zikwazi ukudla ngenxa yemvunulo nosiko,”kusho uNkk Dube-Ncube.
UMnuz Sitswebhusemamba Nyoka uncome ukuklonyeliswa kwezintombi wathi lokhu kuzosiza ukugqugquzela usiko lokuzigcina.