Nawe Ngoni kawumncinyane, bheka izingane zakho zenze ezibukwayo ziphasa ngamalengiso ku-matric 2022.
IMEYA kaMasipala waKwaMaphumulo, uNkk Zibuyisile Khuzwayo-Dlamini ngoLwesihlanu imeme izikole ezenze kahle ku-matric 2022 ngenhloso yokuzibongela ngokwakhe kubafundi abaphase ngamalengiso.
Umcimbi ubusehholo likamasipala KwaMaphumulo lapho bekuhlanganyele nezikole eziyishumi nabafundi bazo abenze kahle kakhulu.
Ithula inkulumo yosuku, imeya ithe: “Siyabonga kothisha ngomsebenzi wabo omuhle. Okwethu wukubonga ngokucija abaholi bethu bakusasa. Sizoqhubeka nokweseka umsebenzi wenu.
“Bafundi, namuhla sizonnibungaza ngempumelelo yenu, sibe sibuka okusanihlalele. Impumelelo yenu inivulele iminyango emikhulu enamathuba amahle futhi kukini ukuwathatha niwasebenzise. Nibheke kwesinye isigaba sempilo. Kumele nazi ukuthi impumelelo namathuba amahle akuzenzakaleli kodwa kubiza ukusebenza kanzima nsuku zonke nokuzithiba,” kusho uNkk Khuzwayo-Dlamini.
Umfundi ophase ngamalengiso uLuyanda Gcwabaza obefunda eMbhekaphansi Secondary Schoolubengekho emcimbini kodwa umama wakhe nguyena owamukele indondo yakhe.
Isikole iNgcolosi Secondary School yisona esidle umhlanganiso wezindondo ngokuba yisikole esibonise ushintsho olukhulu sigqashula u-100%. Lesi sikole siphinde sathola indondo kathisha obashaye bonje amakhanda ezifundweni, abafundi abenze kahle kakhulu ezifundweni, nesikole esithole ama-distinction amaningi.