INKAMPANI ebhaka izinkwa, i-BB Bakeries, ikhuthaze izingane ukuthi ziqikelele inhlanzeko ngokugwema ukulahla udoti noma yikuphi noma yikanjani, yazipha nezinkwa futhi yanikela ngezicathulo kubantwana abaswele, ukuze bakhuthale.
Lokho kwenzeke ngenkathi inomkhankaso wayo wenhlanzeko obuyizolo eKhulugqame Primary, KwaDabeka, eThekwini, lapho inikele khona ngezinkwa eziwu-1 600, ezizokwanela bonke abafundi nothisha, nezicathulo zabafundi abawu-50.
UMnuz Jonathan Naidoo we-BB Bakeries, uthe babone kufanele ukuthi lesi sikole sibe yingxenye yezikole eziyisishiyagalombili ezikulo mkhankaso abawenzayo wokukhuthaza inhlanzeko emphakathini, ngoba sakhele indawo yabantu abaswele.
“Besibheka izikole zasemalokishini akhele iTheku, ezinabafundi abaswele nabadingayo, sabona ukuthi nalesi esikusona kungaba kuhle ukusinikelela, sikhuthaze izingane ukuhlanzeka. Sikholwa wukuthi lokhu kuzosiza ukufundisa izingane ukukhuthalela inhlanzeko ukuze kunciphe izifo ezidalwa wukunganakwa kwemvelo nokulahla udoti noma yikuphi,” kusho uNaidoo.
Uthe lo mkhankaso uhambisana nomncintiswano wokuqoqa udoti ozothatha izinyanga ezintathu, okuzothi isikole esenze kahle kuwona ngoJanuwari wonyaka ozayo, sithole eminye imiklomelo emihle ezojabulisa abazali, abafundi nothisha.
Isekela likathishanhloko wakulesi sikole esinabafundi abawu-860, uDkt Makhosazane Nkosi ubonge iBB Bakeries ngokubona kufanele ukuthi isikole abasiholayo singene kulolu hlelo.
“Lokhu kuzosiza kakhulu ukufundisa abafundi bethu ngenhlanzeko nokuphatha imvelo ngendlela efanele, okuzolekelela ukunciphisa izifo ezihaqa umphakathi ngenxa yokungcola komhlaba,” kusho uDkt Nkosi.