NJENGENDLELA yokugubha usuku lokuhlonipha nokuphatha kahle imvelo, i-International Wetlands Day, abeSimangaliso Wetland Park, bahambele eGilonki Secondary, okungesinye sezikole esakhelene nepaki yaso eseMtubatuba, KwaZulu-Natal.
UMnuz Bheki Manzini weSimangaliso, uthe ngokugubha kwabo lolu suku oluqale ukugujwa e-Iran ngo-1971, uthe bebefuna ukukhumbuza abafundi ngokubaluleka kwemvelo, nokuthi kungani kumele luvikelwe.
“Besifuna nokunxusa abafundi ukugwema ukwenza izinto ezithikameza imvelo nezilwane, senze bakholwe baphinde babone ukuthi izenzo ezimbi emvelweni zinomthelela omubi kangakanani,” kuchaza uManzini.
UMnuz Raymond Langa we-Isolemvelo Eco Tours, uthe ujabule ngokuba yingxenye yomcimbi, ngoba kumnike ithuba lokukhuluma nezingane ngobumqoka bokugwema ukulahla udoti, noma yikanjani, nanoma yikuphi.
“Ngiphinde ngafundisa izingane ngokubalukeka kokugwema ukuphonsa noma yini emanzini nasemaxhaphozini, nokuthi ukwenza lokho kuyithikameza kangakanani imvelo nezilwane ezihlala emanzini.
“Siphinde sakhuthaza nabafundi abenza izifundo zezokuvakasha, ukuthi bakhuthalele ukuzicija ngolwazi lwezemvelo, ngoba zingenye zezinto ezimqoka kakhulu emkhakheni wezokuvakasha,” kuchaza uLanga.