KUKHUNJULWE iqhaza elabanjwa yinkosi yesizwe sakwaMdunge inkosi Faku Mdunge ukumela abantu besizwe ngezikhathi zikahulumeni wobandlululo emcimbini wokwembulwa kwetshe lesikhumbuzo sayo obusenkantolo yesizwe eBomvini izolo.
UNgqongqoshe woMnyango wezamaCiko, amaSiko, iMidlalo nokuNgcebeleka, uNksz Hllengiwe Mavimbela, uthe inkosi yakwaMdunge ingenye yamakhosi ayebusa ngesikhathi sobandlululo ayelwela ukuthi abantu bayo bangaxhashazwa wuhulumeni wangaleso sikhathi owawucindezela abantu abamnyama.
“Inkosi uFaku yenqaba nabantu besizwe sayo ukuthi basebenze ezimayini babe yizigqila zabamhlophe okwaholela ekutheni uhulumeni wangaleso sikhathi ukhiphe isinqumo sokuthi iboshelwe ekhaya,” kusho uNksz Mavimbela.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uthe kubalulekile ukulondolozwa komlando ukuze isizukulwane esizayo silazi iqhaza elabanjwa abaholi abafana nenkosi yakwaMdunge.
“Indlela yenkululeko yezwe lethu ngeke ipheleliswe uma kungukuthi amaqhawe afana nenkosi uFaku, umlando wawo awuphelelisangwa ngokuthi kube namatshe esikhumbuzo afana nalawa bese umlando wabo ubhalwa phansi,” kusho uZikalala.
Uthe uma umlando wamakhosi, abaholi bezenkolo, nabamabhizinisi ababamba iqhaza ekukhululweni kwezwe ungaqoshwa phansi, abalandelayo ngeke bakwazi ukunotha komlando wezwe.
UZikalala uthe bonke omasipala kumele babe nazo izindawo zokugcina umlando oyigugu.