SIBHEKWE ngabomvu namhlanje isigwebo seNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, sonhlalakahle owalahlwa yicala lokubulala abomndeni owodwa abayisithupha.
Esigamekweni esenzeka ngoFebhuwari 2021, eNkanini, eShowe, uMnuz Sthembile Nkosinathi Mthimkhulu, wavulela ngenhlamvu wabulala oNkk Octavia Khumalo (65), Mnuz Christopher Khumalo (77), Nksz Mbali Khumalo (37), Thabo Khumalo (10), Nothile Sphelele Khumalo (17), no-Elihle Sigampu (8).
Kuleli cala inkantolo isebenzise kakhulu ubufakazi bukaNosipho Sigampu owayeneminyaka engu-9 ngaleso sikhathi, yena wasinda njengoba acasha ngemuva kwekhethini.
UNosipho wachazela inkantolo ngakho konke akubona ngosuku lwesigameko nenkantolo yagculiseka ukuthi ubufakazi bakhe ingabusebenzisa ukulahla ngecala ummangalelwa.
Watshela inkantolo ukuthi wambona uMthimkhulu njengoba ayengazifihlile ebusweni.
Waveza nokuthi wamuzwa uMthimkhulu ebuza abomndeni wakhe ngaphambi kokuthi ababulale ukuthi bamthakathelani futhi bambulalelani uyise?
IJaji uKate Pillay lancoma uNosipho ngokwethula ubufakazi beqiniso futhi obanikeza inkantolo isithombe esigcwele ngakho konke okwenzeka ngosuku lwesigameko.
Kuvela ukuthi uMthimkhulu wabulala laba ngoba nakhu wayekade ebasola ngokuthi bayathakatha futhi yibona ababa nesandla ekubulaweni kukayise, uMnuz Bheki Mthimkhulu owabulawa ngo-2019.
Kuvela ukuthi yise wahlangana nabantu ephuma e-tavern abamshaya baze bambulala, ngakusasa isidumbu sakhe sase sitholakala eceleni komuzi wakwaKhumalo.
Kusolakala ukuthi ukutholakala kwesidumbu sikaMthimkhulu eduze komuzi wakwaKhumalo yikhona okwenza ummangalelwa wacabanga ukuthi banesandla ekufeni kwakhe.
Kuvela ukuthi ummangalelwa - ngaphambilini - wake wakuveza emndenini wakhe ukuthi uyabasola ngokufa kukayise kodwa loyo mlilo wabuye wabhulwa ngemuva kwezingxoxo ezaba khona ngaphakathi emndenini.
UMthimkhulu waliphika icala kwaze kwaba inkantolo imthola enecala, yabuye yamanqabela nebheyili.
Yize ayeliphika icala uMthimkhulu kodwa i-tracker yemoto yakhe, i-VW Polo, kwavela enkantolo ukuthi yayimile ngaphandle kwegceke lakwaKhumalo isikhathi esiyimizuzu ecela kweyishumi ngosuku lwesigameko.
Kodwa ummeli kammangalelwa watshela inkantolo ukuthi uMthimkhulu wayemi ngaphandle komuzi wakwaKhumalo ngoba wayekade ephuza utshwala nabangani bakhe.
Namhlanje kulindeleke ukuthi inkantolo ikhiphe isigwebo sikaMthimkhulu.