KUSOLWA umona kubulawa owayengumholi wezitshudeni eMangosuthu Universityof Technology, okuthiwa udutshulwe emasangweni akule nyuvesi eMlaza, esiza izitshudeni ngoLwesibili.
UMnuz Xolani Ngema (31) ongowokudabuka eMatshana eMpangeni, obeqashe kwaQ eMlaza, kuthiwa udutshulwe ngabasolwa abangaziwa, eqhuba umsebenzi wokunxenxa izitshudeni ngaphandle kwamasango enyuvesi, ukuthi zibhalise esikoleni sakhe sokuphucula imiphumela ka-matric, iPromised Hope Academy asisungule nyakenye.
UNgema okuvele ukuthi uphothule izifundo zakhe kule nyuvesi eminyakeni emibili eyedlule, ubeseke waba wumgqugquzeli enhlanganweni yezitshudeni, iSouth African Students Congress (Sasco) egatsheni eliseMUT.
Umfowabo kamufi, uMnuz Vusi Ngema, uthe yize kungekho ngxabano umfowabo aseke wambikela ukuthi ubenayo nabathile futhi esebenzisana kahle nabantu kodwa unazo izinsolo zokuthi ukubulawa kwakhe kuphathelene nebhizinisi abekulo.
“Sishaqeke ngokubulawa kwakhe. Okungimangalisayo wukuthi kwenzeka lesisigameko bekunguyena kuphela obegxumeke itende ngaphandle kwamasango enyuvesi ekhangisa isikole sakhe, ekubeni ngokuvamisile babakhona nabanye. Ubengazange angitshele ukuthi kukhona angezwani nabo, ngakho ukubulawa kwakhe kuyadida,” usho kanje.
Uthe ungene ebhizinisini emva kokuphothula izifundo zakhe, esebenza ngaphansi kwabathile, okuthe ngonyaka odlule wabhalisa ngokusemthethweni isikole sakhe esiqalayo ukwamukela abafundi kulo nyaka. Uthe yize yena nabambisene naye bebeqala ukuzimela kodwa besebevile ku-100 abafundi abese bebhalisele ukufunda okungenzeka kube nabathile ababenomona bebona ibhizinisi lakhe ukuthi lizokhula.
Obesebenzisana nomufi, ongathandanga ukudalulwa, uthe ukubulawa kukaNgema kwenzeke ngokuzuma.
“Siphoqelekile ukuthi simise okwesikhashana izinhlelo zokufunda kuleli sonto ngenxa yalesi simo. Siyabanxusa abazali bezingane ezifunda kulesi sikole ukuthi bangatatazeli, ukufunda kuzoqhubeka ngendlela ejwayelekile, siqinisekise iphupho likaNgema lokubasiza ukuphucula imiphumela yabo,” usho kanje.
I-Sasco KwaZulu-Natal, izwakalise amazwi enduduzo emndenini ngokudlula emhlabeni kukaNgema.
“Sishaqekile ngalesi sigameko esibuhlungu esisemuke impilo yomunye obeyisosha lokuqina lombutho. Siyazigxeka izigameko zokubulawa kwabaholi bethu abancane. Sifuna ubulungiswa benzeke ngayo yonke indlela. Sibonga umndeni ngokusiboleka indodana yawo ukuthi isebenzele umbutho nokuthi imele izitshudeni,” kubhalwe esitatimendeni.
Okhulumela iMUT, uMnuz Bheki Hlophe, uthe nakuba isigameko singenzekanga ngaphakathi emagcekeni enyuvesi kodwa iyasebenzisana namaphoyisa ukunikeza ulwazi olungadingeka ophenyweni lawo.
“Inyuvesi iyakuqinisekisa ukuphepha kwezitshudeni nabasebenzi futhi ezokuphepha zihlale ziqaphile. Uphiko olunikeza usizo lokwelulekwa ngengqondo, lukhona ukusiza izitshudeni ezithukile ezibone kwenzekalesi sigameko. Sikhathazekile ngokukhula kwezigameko zokubulawa kwabantu ngakho sinxusa ongaba nolwazi ngalesi sigameko sicela aludlulisele emaphoyiseni ngokushesha,” kushouHlophe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseMlaza aphenya icala lokubulala.