ZINGAPHEZU kuka-90 000 iziboshwa ezidedelwe ngoshwele nguMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo kuleli kusuka ngoMashi 2019, kuze kube yilo nyaka.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe walo mnyango uMnuz Ronald Lamola, othe kulezi ziboshwa ezingu-16 112 ziphule imibandela yokudedelwa kwazo ngoshwele.
Ilungu leDA ePhalamende uMnuz Janho Engelbrecht, libuze uLamola ukuthi zingaki iziboshwa ezidedelwe ngoshwele kuleli kusuka ngoMashi 2019, eseziphule imibandela kashwele nokuthi zingaki esezenze amacala abucayi emuva kokudedelwa.
ULamola uthe zingu-99 146 iziboshwa ezidedelwe ngoshwele kusuka ngoMashi 2019.
“Zingu-38 193 iziboshwa ezadedelwa ngo-2019, ngo2020/2021 zaba ngu-33 231 kwathi ngo-2021/2022 zaba ngu27 722. Eziphule imibandela yazo yebheyili zingu-16 122 kusuka ngoMashi 2019.”
Uthe amacala athinta ezazivele ziwenzile phambilini kanjalo namanye.
“Kusuka ngo-2019 zingu-6 417 ezenze amacala abucayi ezadedelwa. Siyanda isibalo sezenze amacala abucayi sisuka ku-1 457 ngo2019/2020, zaya ku-2 451 ngo2020/2021 kwathi ngo-2021/2022 zaba ngu-2 509,” kusho uLamola.
Phambilini uLamola wakhala ngokuthi iziboshwa ezidedelwe ngoshwele bese ziphinde zenze amacala abucayi zehlisa isithunzi somnyango wakhe.
Wathi kudla imali ukugcina isiboshwa ejele wagcizelela nokuthi njengoba kunokunqanyulwa kwesabelo sezimali isimo sinzima.
Wabalula nokuthi lezi ziboshwa eziphinde zenze amacala anzima zibeka isithombe esingesihle ngeziboshwa okusamele zidedelwe ngoba basuke beye nasemphakathini bawazisa ukuthi sezikulungele ukuthi zibuyele kuwona.
Kuhlale kukhalwa ngokugcwala kwamajele kuleli kuthiwa kumele kube nezinhlelo eziqinile ezizokwenza ukuthi iziboshwa ezidedelwe zingabuyeli emajele sezenze amanye amacala.