UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uNkk Nomusa Dube-Ncube, usejube uMphathiswa woMnyango weZimali esifundazweni uNkk Peggy Nkonyeni nozakwabo eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uNkk Bongi Sithole-Moloi, ukulusa uMasipala waseMngeni.
Lokhu kwenzeka emva emva kokukhalaa kukaMcwaningimabhuku- jikelele ngezithinta ukuphathwa kwezimali kulo mkhandlu.
UNkk Dube-Ncube uthe uMcwaningimabhuku-jikelele upende isithombe esingesihle ngendlela okuphethwe ngayo imali emkhandlwini.
Ukhale ngomasipala abaphelelwa yimali kodwa kungenziwa izinhlelo zentuthuko kubantu.
“Kuyaxaka ukuthi umasipala omncane kanje uthole ukuthi ushodelwa yimali engu-R84 million . Kuyasikhathaza ukuthi abanye omasipala baphelelwa yimali ekubeni kusuke kungafuqwa izinhlelo zentuthuko ngaleyo mali.”
Uthe yingakho bejube abaphathiswa ukuze bayothola umnyombo wenkinga emkhandlwini ngoba kabafuni ukuthi uze uguqe ngamadolo.
Lo masipala oseHowick uphethwe nguMnuz Chris Pappas we-DA, iqembu lakhe elifolosa ngaye kwesikandunankulu njengoba kubhekwe okhethweni.
UNkk Dube-Ncube ukusho lokhu ekhuluma nabezindaba izolo eThekwini njengoba kunomhlangano weKhabhinethi, obuka ibanga elihanjiwe ukuhambisa izidingo kubantu okwenziwe nguhulumeni.
Uchithe nokuthi kunezinhlelo zokuthi kuvalwe iBhange iThala, wathi linemali ebalelwa ku-R2 billion.
USihlalo we-IFP esifundazweni uMnuz Thami Ntuli, iNkatha efolosa ngaye kwesikandunankulu wesifundazwe, ukhale ngokuthi kunezinhlelo zokuvala iThala, elasungulwa ngobengumengameli ngokuhlonishwa futhi ongumsunguli waleli qembu, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, engasekho.
UNtuli ukhale ngokuthi lokhu kuyimizamo yokubukela phansi imisebenzi kaShenge, njengoba kwavalwa namakolishi othisha nezimboni.
“Nginxusa i-IFP ukuthi iyeke ukufafaza amanga ngokuthi kuzovalwa leli bhange. Kunozinzo kuleli bhange. Izinhlelo zokubolekwa nokufakwa kwemali ziyaqhubeka. Nanoma ngubani angaya koboleka imali ngoba ikhona,” kuqhuba uNkk Dube-Ncube.
Ugxeke uNtuli ongusihlalo wenhlangano yomasipala, iSalga esifundazweni, othe akukho okwenziwayo odabeni oluthinta ukubulawa kwabaholi bamaqembu ezepolitiki.
“Kuningi okwenziwayo njengoba nombiko weKhomishini kaMoerane, wathulelwa nesiShayamthetho. Izincomo zalo mbiko siyazilandela futhi kuningi okwenziwe. Siwuhulumeni sikhathazekile ngokubulawa kwabaholi,” kusho uNkk Dube-Ncube.
Uthe akumele kudlalwe ipolitiki ngezinto ezibuhlungu ezithinta ukubulawa kwabaholi, ikakhulu ngesikhathi kubhekwe okhethweni.
Uncome nomsebenzi wamaphoyisa athe abophe izigebengu ezibalelwa ku-10 000 ngenyanga edlule iyodwa.
Uthe emhlaganweni bazobheka nezinto ezehlukene ezithinta ukucishwa kukagesi, isihlava sokubulawa kwabesifazane nezingane, inkinga yamanzi ehlasele isifundazwe nezinye izinto ezithinta izidingo.
Ubalule nokuthi ngoFebhuwari 28, uzothula inkulumo ayibhekise esifundazweni e-Oval Cricket Stadium eMgungundlovu.