KUBHEKELWE nezinkantolo zamakhosi ezindawo zasemakhaya umasipala wethula uhlelo lwamanzi emphakathini. UMasipala iKing Cetshwayo wethule amaloli ayishumi eNkandla nazonezelela kwawu-42 avele ekhona, wethula namathangi awu-18 ezinkantolo zamakhosi. IMeya kamasipala uMnuz Thami Ntuli, ithe amaloli azokwenza kube lula ukwandisa izinhlelo zokusabalalisa amanzi emphakathini njengoba umasipala usematasa nezisombululo zokuthi abantu bawathole kompompi.
"Kuzoba nendlela ezosetshenziswa ukuqinisekisa ukuthi amanzi ayafika kubantu. Iloli izoba nenombolo ezokwaziwa ukuthi iphakela muphi umphakathi ukuze kube lula kubantu ukubona lapho kungahanjiswa khona ngendlela uhlelo lwamanzi. Amakhosi enza umsebenzi wesizwe ayadinga ukuphakelwa amanzi anikwe nezinhlelo zentuthuko futhi sizoqinisekisa ukuthi ayahanjiswa ezinkantolo amanzi," kusho uNtuli.
Inkosi uMangosuthu Buthelezi ithe kuyathokozisa ukubona omasipala bezikhathaza ngokuhlinzeka umphakathi ngentuthuko. UButhelezi uthe uhulumeni wasekhaya umqoka kakhulu kubantu njengoba kuyiwona osondelene nezidingo zomphakathi.
Injabulo kubantu ikapakele nasezinkundleni zokuxhumana ababona luzobasiza uhlelo lokwandiswa kwamaloli ngenxa yokuntuleka kwamanzi. "Zihamba ngolayini wentuthuko izindlovu, umsebenzi omuhle Sompisi," kusho uMdu Buthelezi.
" Muhle umsebenzi engiwubona wenziwa, sengathi imeya ingangenela nasemitholampilo nasezikoleni kuqinisekiswe ukuthi kunamanzi," kusho uNkululeko Celumusa.
" Siyabonga amanzi asefikile eCinci inkinga kunezindawo avuzayo kuzona awafinyeleli kwezinye. Ikhansela lisibizile sayibona inkinga, kuyophela amasonto amabili sesiwathola namaloli ayasigixabeza ngawo," kusho uSammy Gumede.