NKOSIKHONA CELE
IZINDAWO ezisemapulazini zijwayele ukuba senkingeni yokungazitholi izinsiza ezifana nogesi nokunye. Kodwa uMasipala oseMnambithi, i-Alfred Duma, uqale uhlelo lokuqinisekisa ukuthi lezi zindawo azisali ngaphandle ezinhlelweni zikagesi.
IMeya yakule ndawo, uZama Sibisi yethule osonkontileka abazokwenza lo msebenzi ku-ward 24 khona eMnambithi.
"Njengomasipala wakule ndawo, kungumsebenzi wethu ukuthi senze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi abantu basemapulazini bayawuthola ugesi,'' egcizelela.
Ikhansela uMnuz Thobani Dlamini ophinde abe sesigungwini esiphezulu kulo masipala, uthe lolu hlelo luzodla u-R6 million.
"Okudala ukuthi le phrojkethi igcine seyidla imali engaka ukuthi abantu bakithi basemapulazini bakhe ngokugqagqana okukhulu. Kodwa noma kunjalo sizimisele ngokubahlinzeka ngogesi,'' usho kanje.
Uthe okunye okuhle ngale phrojekthi ukuthi ihlomulise abantu bakule ndawo ngamathuba omsebenzi, okuyinto imeya uSibisi ahlale eyikhuthaza.
Bangaphezu kuka-20 abantu bakule ndawo abazohlomula ngamathuba omsebenzi.
Unxuse ukuthi labo abasezingxenyeni lapho ugesi ungakafinyeleli khona, babekezele.
"Sizogcina sifinyelelile kuzona zonke izindawo. Lolu wuhlelo oluqhubekayo.''
Uveze ukuthi baqhuba nohlelo lokwakhiwa kwamabhuloho ezingxenyeni ezahlukene zaseMnambithi namaphethelo.