KUVUKE umunyu kwahlengezela izinyembezi eSilweni uMisizulu kaZwelithini, ngesikhathi sivula ngokusemthethweni isiShayamthetho saKwaZulu-Natal.
ISilo sivule inkulumo ngokwamukela bonke abathamele umcimbi obusenkundleni yekhilikithi i-Oval, eMgungundlovu.
Sibonge sancoma nabafundi bakamatric ngokuphumelela kwabo bethola amaphesenti amakhulu asibeke isifundazwe endaweni yesithathu ezweni. Sibonge abazali baso, uMdlokombane noNdlunkulu uMantfombi Dlamini Zulu asebakhothama.
Siphinde saveza ukuthi sizobe senza iphutha uma singadlulisi ukubonga komama baso oNdlunkulu abahlala noMdlokombane kwaze kwaba sekugcineni.
Kuhlengezele izinyembezi ebabiza ngokulandelana kwabo oNdlunkulu eqala uMaDlamini esigodlweni Kwakhethomthandayo.
ISilo sincome isifundazwe ngokubeka abesifazane ezikhundleni zobuholi, ebala umengameli wamajaji uThoba Portia Poyo-Dlwati, usomlomo wesiShayamthetho uNksz Nontembeko Boyce, noNdunankulu uNkk Nomusa Dube-Ncube.