BABABAZA umkhuba abantu baseNqutshini, eHluhluwe emuva kokubanjwa oqotsheni kwebhungu (igama ligodliwe) elineminyaka ebalelwa ku-18 liqhoqhobele imbuzi lizitika ngayo ngocansi esigangeni ngoMsombuluko.
Imithombo ekhona endaweni ithi lolu daba lubikwe enduneni yesigodi wumnikazi wembuzi ofike eyidonsa ngomchilo ekhihla isililo ngembuzi yakhe enukubeziwe.
Kuvele ukuthi sengathi le mbuzi njengoba ibidla utshani iboshwe ngomchilo ibilungiselelwa ukwenza umsebenzi, okugcine kungahlalukanga ukuthi ngowani.
Ukudlwengulwa kwale mbuzi kuthiwa sekwenze kwaba nzima ukuthi kuqhutshekwe nawo.
Induna yesigodi, uMnuz Dumaphi Ngubane isiqinisekisile isigameko.
Uthe sibikiwe kuye wasedlulisela emaphoyiseni kodwa ngokwakhe ufisa ukuthi abazali balo mlisa bayikhokhe le mbuzi.
“Sengathi le mbuzi ibihamba nomchilo, wayibamba-ke wayibopha wayigila lo mkhuba.
Ngiyamangala-ke ngoba abazali bakhe bathule nje abasho ukuthi bazoyikhokha kanjani imbuzi ngoba akekho umuntu ongadla imbuzi egilwe lo mkhuba.
Ngibize abomthetho ukuba benze umsebenzi wabo,” kusho uNgubane.
USihlalo weCommunity Policing Forum (CPF) uMnuz Nsusha Ngwenya uthe naye lolu daba lulethiwe kuye, amaphoyisa kufanele alusebenze.
Umthombo ongumakhelwane walapho okwenzeke khona isigameko uthe lo mlisa ungumuntu ophila ngemfulamfula futhi akekho bukhali kwabasifazane.
‘’Ibiphuzile le ndoda njengokwejwayelekile. Yabuya yabona le mbuzi izidlela utshani, kwasho ukuthi inomchilo sengathi ibilungiselelwa ukwenza umsebenzi thizeni yingakho inentambo ukuze bakwazi ukuyibamba kalula abanikazi bayo,’’ kusho umthombo.
Umthombo uqhube wathi ngesikhathi umsolwa ematasa edidiyela imbuzi ubonwe ngumfana wendawo wammemeza, wamthethisa kodwa kwasho ukuthi akasezwa mshini.
“Uze wasondela eduze kwakhe emkhuza, waze wamshaya wase eyasuka embuzini abeyimbambe ngqi,” kuchaza umthombo.
Uthe yindaba edume isigodi sonke, kuphuzwa ngayo itiye iyabatshazwa nje bonke abantu bazibuza ukuthi lixakwe yini leli bhungu.
Akuqali ukuvela isigameko salolu hlobo kule ndawo
njengoba leli phephandaba
lake labika ngomlisa
owabanjwa oqotsheni eqhoqhobele inkomo phakathi kwamabili,
evuke besalele abanye wayinyonyobela wayibopha wayigila imikhuba.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uthe udaba belungakafiki emaphoyiseni.
Leli phephandaba lihabule ngemithombo yasendaweni ukuthi akhona amaphoyisa afikile athatha isitatimende ahamba nomsolwa kodwa wabuye wabonakala endaweni.