ABAYIZWA eyokuthi kunyuswe intela ekhokhwa uma kuthengwa izimpahla kuleli i-Value Added Tax (VAT), uma uNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, esethula isabelomali salo nyaka wezimali ePhalamende.
Amaqembu ehlukene kubalwa nezinyunyana zabasebenzi bayayichitha eyokuthi uGodongwana, amemezele ukunyusa i-VAT ngenxa yokuthi isimo sezezimali singesihle ekubeni izidingo zinyuka njalo.
Amakhomanisi esitatimendeni, athe awalindele ukuthi kunyuswe i-VAT uma sekwethulwa isabelomali.
“Asilindele ukuthi kunyuswe i-VAT njengoba yanyuswa isuka ku-R14, yaya ku-R15. Silindele uhulumeni ukuthi alwe neyokunyuka kwamanani ezinto kuleli, okuhlanganisa nokuthi ne-VAT inganyuswa,” kusho i-SACP.
I-SACP ithe uMgcinimafa kumele anyuse intela kulabo abacebile.
“Asifuni kuthiwe kunyuswa i-VAT ukuze kubhekelwe labo abangasebenzi, abahola isibonelelo sikahulumeni. Uma kunyuswa i-VAT abahlwempu bazoqhubeka bathwale kanzima.”
UDkt Mark Burke okhulumela i-DA kwezomnotho, uthe abahambisani nokunyuswa kwe-VAT kanjalo nezinye izinhlobo zentela uma sekwethulwa isabelomali.
Uthe bakholwa ngukuthi lesi sabelomali kumele sitshengise abantu ukuthi izwe lizimisele ukukhulisa umnotho kulandelwa umgomo kahulumeni wokubambisana kwamaqembu.
“Silindele isabelomali esizokhuluma ngezinto ezithinta ingqalasizinda, amathuba okutshalwa kwemali, izinguquko kwezomnotho nokukhuliswa kwemisebenzi. Sibhekene nenkinga yezinga eliphezulu lokuphila ezweni ngakho asilindele ukuthi kuphinde kunyuswe intela.”
Uthe bazolwa nokunyuswa kwe-VAT kodwa bagqugquzela eyokwakha amathuba emisebenzi.
UMnuz Alan Beesley we-ActionSA, uthe bayayichitha eyokunyuswa kwentela, wathi akwehliswe imihlomulo yongqongqoshe, amaphini abo kanjalo nezinye izikhulu zikahulumeni.
Uthe ugesi unyuka ngamandla ngakho abantu bazothwala kanzima uma kugcina kunyuswa intela.
‘Abantu bakuleli balindele uhulumeni ozoqeda ukuxhashazwa kwemali ngaphambi kokuba ufune abakhokhi bentela ukuthi bakhokhe kakhulu. Akunqandwe inkohlakalo kunganyuswa ntela ezoshaya abantulayo. Ngeke siseseke lesi sabelomali esizoqumba phansi abantu abadonsa kanzima,“ usho kanje.
Ne-Cosatu isike yaxwayisa ngokuthi ayihambisani nokuthi kunyuswe intela, okubalwa ne-VAT uma sekuthulwa isabelomali.
Lo mfelandawonye uthe uhulumeni kumele aqhamuke nezinye izindlela zokuqoqa imali, hhayi kodwa ukuyitapa kubasebenzi abavele badonsa kanzima.
Okhulumela i-Cosatu, uMnuz Matthew Parks, uthe umphakathi uthwele kanzima ngakho isabelomali kumele sikuveze lokhu.
Uthe kuzoba yinhlekelele uma kungukuthi kunyuswa intela.
“Sinezinga elingu-42% labangasebenzi ngakho umnotho awukwazi ukukhula ngendlela. Izinga lobugebengu liphezulu kanjalo nelenkohlakalo, yingakho sithi isabelomali asibhekele lezi zinto, hhayi ukunyusa i-VAT nentela.”
I-Fedusa ithe kumele kubhekelwe abasebenzi okuyibo abathwele kakhulu kuleli.
Le nyunyana ithe kumele kwakhiwe imisebenzi, kwehliswe izinga eliphezulu labantu ababhuquza emakhaya.
“Akuqiniswe uhwebo ukuze kuthuthuke umnotho kwakhiwe amathuba emisebenzi. Baningi abantu abadinga umsebenzi kuleli okuyinto ezoba yinhlekelele ngomuso.”