KUHLEHLE icala lokushaywa kubulawe ngesihluku u-Andile Bobo Mbuthu (16) ngenxa yokugula kommeli wabasolwa abahlanu.
Ummeli uChris Gounden utshele inkantolo ukuthi akaphilile usafuna ukuyoxilongwa udokotela.
IMantshi uSanele Hlatshwayo ibe isikuhlehlisela u-Okthoba 3 nonyaka ukuqhubeka kokuqulwa kwecala.
Abasolwa oMnuz Andile Nhleko, Mncedisi Mzobe, Siyanda Msweli, Lindani Ndlovu noMalusi Mthembu babhekene namacala okubulala nokuthumba umufi.
Bekulindeleke ukuthi uGounden aqhubeke avivinye ubufakazi obethulelwa inkantolo ibhungu elabamba iqhaza kushaywa kubulawa uBobo kodwa eseliphenduke ufakazi woMbuso kuleli cala.
UBobo, owayengumfundi ka-matric eNkosibomvu Secondary, wabulawa ngoMashi 2020 endaweni yobumnandi eMagagula Lounge eyayiseHambanathi oThongathi.
Yangqongqiswa amalungu omphakathi ayewotha ubomvu ngendlela okwabulawa ngayo uBobo.
Umufi wayesolwa ngokuntshontsha utshwala kule ndawo ayebamba kuyona itoho uma engayanga esikoleni.
Yagcwala ezinkundleni zokuxhumana ivideo eshaywa egxiza igazi elele phansi.
Izolo icala lihlale imizuzwana lase liyaguqa. Bobahlanu abasolwa bangaphandle ngebheyili . Enkantolo bekukhona amalungu omndeni kaBobo ambalwa ezolalela iukuqulwa kwecala.