UKHOHLWE yizimpi zezigodi nodlame lamatekisi umphakathi waKwaNongoma, wajabulela umqhudelwano webhola iMayoral Cup, ezinkundleni zemidlalo eziseMona.
Yize imidlalo beyibophele amaqembu endawo kodwa izithameli zichazwe wumdlalo wobungani obuphakathi kweMC Tshatha FC neqembu elakhiwe ngamakhansela angaphansi kukamasipala. Izihlwele ebezifike ngobuningi bazo aziwakholwanga amehlo azo ngesikhathi zibona izintandokazi zosaziwayo zihlikihla ibhola. Phakathi kosaziwayo ebebekhona kubalwa umsakazi woKhozi FM, uKhathide "Tshatha" Ngobe, isilomo somculo kamaskandi, uSenzo "Ntencane" Zondi, Lungelo "Vee" Vilane, umsakazi weNongoma FM, uWelcome Ntombela nabanye.
Nakuba iqembu lamakhansela belidlalela ekhaya kodwa likhale ngaphansi kwelikaTshatha ngegoli elilodwa eqandeni.
IMeya kaMasipala, uCllr Albert Mncwango, ithe sekuneminyaka imidlalo ibakhona ngenhloso yokunqanda izimpi zezigodi nezamatekisi nokususa abantu abasha emikhubeni engasile. UMncwango uthe kuba wumzuzu omnandi uma abantu abangahoshelani sebephaselana ibhola. Nakuyo imidlalo bekuheleza umoya wokuthula, kungekho othi nxa, komunye.
"Saqala eminyakeni emine noma emihlanu ngenhloso yokusebenzisa ezemidlalo ukulwa nesihlava esihlangabezana naso zinsuku zonke. Ikakhulu entsheni. Ngaphandle kwalokho uNongoma, waziwa ngezimpi zezigodi nodlame lwamatekisi. Ngakho besifuna ukukhipha intsha kulokho kodwa siyenze igxile kwezemidlalo," kuchaza uMncwango,
Uqhube wathi ukuqeda isihlava sodlame nokuhlanganisa abantu abayinkukhu nempaka, kuwukunqoba kubo. Uthe esinye isihlava ebebelwa naso ngesodlame lobulili lapho izithandani zibulalana khona.
"Njengoba wazi ukuthi uNongoma ukleliswe nezindawo ezilushumi okudlange khona udlame lobulili. Sisebenzisa ezemidlalo ukufundisa abantu abasha ukuthi abantu besifazane badinga ukuhlonishwa nokuvikelwa."
Uthe enye inhlosongqangi yemidlalo ukuthuthukisa umnotho wendawo.
"Njengoba nibona omama bedayisa izithelo."
Uthe ezinye izinhlobo ezingakabandakanywa kule midlalo nazo zisazofakwa.
Utusa uTshatha, odabuka kule ndawo, ngokuletha abanye osaziwayo ukuba bazodlala ibhola. UMncwango uveze nokuthi kunemidlalo yesibhakela esingathwa KwaNonjobelwane, ebandakanya abesifazane.
Nakuba bekudlalwa kodwa uthe nentuthuko ayishiyiwe ngaphandle ngoba bematasatasa bevuselela imigwaqo bevala imigodi, befaka amalambu emigwaqweni ukunqanda ubugebengu.
"Kunezinye izinhlelo ezizokwenzelwa abantu abasha ukwandisa amathuba emisebenzi."