AMAQEMBU aphikisayo akhala ngokubukelwa phansi nokuqinelwa kukaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, ngempelasonto “ovinjwe” ukuqukula iNdebe yoMhlala ewinwe amaBhokobhoko.
Asola uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVaksha neMvelo KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, ngokuqinela uNkk Dube-Ncube ngokuvele agxumele aqukule indebe nomdlali wamaBhokobhoko, u-Eben Etzebeth, yize bekumenyezelwe ukuthi izoqutshulwa wuNdunankulu uNkk Dube-Ncube.
Kubonakale isandla sikaNkk Dube-Ncube sesilenga njengoba uDuma evele wayiqukula no-Eben.
Esitatimendini esithunyelwe kwabezindaba, i-EFF KwaZulu-Natal, ikugxekile ukuqinelwa nokubukelwa phansi kukandunankulu ngoba ewumuntu wesifazane.
Isole uDuma ngokubukela phansi uNkk Dube-Ncube esidlangalaleni yathi into ahlale eyenza.
Imsole ngokucindezela abesifazane yathi yena nobuholi be-ANC ababuhloniphi ubuholi besifazane.
“Bakhohlisa abantu baKwaZulu-Natal ukuthi sebenondunankulu wesifazane. Kuyacaca manje ukuthi uDuma akasakwazi ukuzenzisa. Uzonda ubuholi besifazane, akanandaba noma kuwubuholi besifazane benhlangano akuyo. UNkk Nomusa Dube-Ncube uwuNdunankulu wesifundazwe ngakho kufanele anikwe inhlonipho emfanele. Ingcindezelo ye-ANC akufanele ingene kuhulumeni nasezinhlelweni zikahulumeni,” kusho i-EFF esitatimendini.
UMnuz Dean McPherson we-DA, naye usigxekile isigameko sangoMgqibelo wathi uNkk Dube-Ncube uhlanjalaziwe.
Uthe uDuma akasakwazi ukufihla ukuthi i-ANC yenza uNkk Dube-Ncube isichuse ngoba uyena okuthiwa uwundunankulu kodwa akukho akuphethe.
Ubalule ukuthi zonke izinhlelo zikahulumeni zenziwa wuDuma ohlale efuna ukugqama nohlangothi lwakhe olubizwa ngamaTaliban.
Umhlaziyi wepolitiki waseNyuvesi yaKwaZulu-Natal, uMnuz Zakhele Ndlovu, uthe usola sengathi uDuma ubejabule kakhulu wase equkula indebe nomdlali wamaBhokobhoko ngoba vele bade bobabili.
“Abantu benza izinto ezingafani uma bejabule, mhlawumbe naye ugajwe yinjabulo wase enza ngendlela enze ngayo. Kodwa khona unakho ukuthi uyena ophethe. Uye afune ukugqama nasezinhlelweni zikahulumeni. Indebe ibilethelwe abantu baKwaZulu-Natal ngakho undunankulu wuyena obekumele agqame,” kusho uNdlovu.
Uthe uDuma ubuye akhohlwe ukuthi uphethe kwi-ANC, akuyena ohola uhulumeni wesifundazwe.
Mayelana nezinkulumo zamaqembu aphikisayo agxeka lesi simo, uNdlovu uthe ayohlezi esebenzisa into ayibona sengathi iyiphutha ukukhombisa ukuthi i-ANC ixabene yodwa.
Le kube yindaba egudwini nasezinkundleni zokuxhumana.
UMnuz Ndabezinhle Sibiya okhulumela uDuma, uthe bacela ukungaphawuli ngalolu daba wathi kodwa abangakusho wukuthi ungqongqoshe usebenzisana kahle nondunankulu.