KUPHOQELEKE ukuthi kuhlehle ukukhishwa kwesinqumo ecaleni lezidakamizwa elithweswe uMuzikawukhulelwa Sibiya, obuye abe ngummangalelwa kwelokufa kukaSenzo Meyiwa. USibiya ubevele eNkantolo yeMantshi eThembisa, ngecala lokushushumbisa izidakamizwa, nokutholakala nezinhlamvu zesibhamu ngaphandle kwemvume.
USibiya ungummangalelwa wokuqala ecaleni lokubulala uMeyiwa, owadutshulwa ekubo kwentombi yakhe ngo-2014, eVosloorus, eGauteng. USibiya ubehlalele udaba lukaMeyiwa phakathi nesonto njengoba esevela kolunye lwezidakamizwa.
Kuthiwa amaphoyisa ngesikhathi eyobopha uSibiya ngolunye udaba athola izinhlamvu zesibhamu emkhukhwini ayehlala kuwona futhi wavuma ukuthi ngezakhe. Amaphoyisa ambuza ngesibhamu, wawakhomba ehostela lapho athi isibhamu sikhona kwatholakala ukuthi sewashona umuntu owayenikezwe sona.
USibiya udonsa isigwebo seminyaka engu-12 ngecala lokuzama ukubulala abesifazane ababili, okuthiwa wabathela ngoyaba lwezinhlamvu ehostela. Ngesikhathi egwetshwa kwathiwa akasenalo ilungelo lokuphatha isibhamu ngenxa yesenzo sakhe.
Bekufanele kuphume isinqumo ngodaba lwecala lezidakamizwa kodwa sagcina singaphumanga sekuvela ukuthi iMantshi uMnuz Jerome Josephs iyagula. Udaba lokugula kwemantshi lumenyezelwe ngenye iMantshi uMnuz Tshepo Majapelo.
Ufike enkantolo efake isikibha esimpunga emise isiphika nebhulukwe eliluhlaza, ebukeka ekhululekile. Ubephucile ekhanda ebambelele ngezandla ebhokisini labamangalelwa abehleli kulona enkantolo.
Bekunebutho lamaphoyisa ebelimphelezela lihlome liyizingovolo ngezibhamu ezinkulu.
Kumenyezelwe ukuthi icala lizobuyela enkantolo ngoDisemba 12, lapho kuyobe sekukhishwa isinqumo secala likaSibiya.
Ecaleni lokufa kukaMeyiwa, uSibiya uzobuyela enkantolo ngoJanuwari 22. Kuphoqeleke ukuthi icala liguqe ngenxa yokuthi ummeli u-Advocate Thulani Mngomezulu, ubike ukugula.