KUGQUGQUZELWE zonke izinhlaka zomphakathi ukuba zivikele izingane ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni isonto lokuvikelwa kwezingane, iChild Protection Week, eHout Bay, eKapa.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi kuzwelonke, uNkk Lindiwe Zulu, uthe kungumsebenzi wazo zonke izinhlaka ukuvikela izingane.
“Asisebenzisane ukuvikela izingane kwizidakamizwa, kubashushumbisi babantu, ebugebenwini, ekuhlukunyezweni nasodlameni. Kungumsebenzi wethu sonke kusukela kubazali, osonhlakalahle, othisha nawo wonke umuntu emphakathini ukuvikela izingane,” kusho uNkk Zulu.
Udonse ngendlebe abazali nomphakathi wonkana ukuba ulalele okushiwo yizingane, waphakamisa ukuthi kufanele abazali balulekwe ngokwengqondo ukuze bakwazi ukuziphatha kahle.
UNkk Zulu uthe kunohlelo olusiza izingane eziyizintandane olubizwa ngeRisiha okuyigama leXitshonga elisho ukomelela (resilience), oselusize izintandane eziwu-181 556 ukuthi zikwazi ukuzimela.
Uveze ukuthi basebenzisana nezinhlangano zomphakathi ezihlukene ukunakekela izingane.
Indikimba yalo nyaka uNkk Zulu uthe ithi: Let us Protect Children During Covid-19 and Beyond.
UNkk Muriel Mafico we-United Nations Children’s Fund (Unicef), uthe banekhaya elisiza izingane elibizwa nge-James House Community Based Care Centre, lapho bekubanjelwe khona lo mcimbi.
Uthe kuyamjabulisa ukuzwa izingane zithi zilutholile usizo. Wenze isibonelo sentombazane ebikhulelwe kwathi ngosizo lwaleli khaya yakwazi ukubeletha yabe isibuyela esikoleni.
Uthe bayabamukela nabazali ukuze bathole ukululekwa bakwazi ukuba nobudlelwano obuhle nezingane zabo.