KUHLANGANISWE abasemahostela nabamatekisi kanjalo nomphakathi ngezemidlalo ngenhloso yokuqinisa ubudlelwano kwezokuthutha. UMnuz Sbusiso Mnguni owunobhala weDurban Liner Taxi Association, uMnuz Mthembiseni Thusi wamahostela, noMnuz Senzo Mnguni bahlanganise umphakathi eWema ngomncintiswano webhola lezinyawo. Umncintiswano obuhlanganisa ihostela laseWema nelaseDalton nomphakathi waseLamontville, uphinde wahlanganisa abadlali besifazane nabesilisa kanjalo namakhehla. Omunye wabagqugquzeli bemidlalo oyilungu lokuqondisa ubugwegwe kwiDurban Liner, uMnuz Nsizwa Mashobane uthe kube wumbono wosomatekisi ngokubambisana nabaholi basemahostela abagqqugquzela ukuthula nobumbano kwezokuthutha.
"Usoseshini ubuyisela emphakathi ngezemidlalo nokuqinisekisa ukuthi siyasondela emphakathini nawo kuba lula ukuxhumana nabashayeli nosomatekisi. Baningi abantu abenze le midlalo yaba yimpumelelo njengoba kuhlanganiselwe nesiklabhu. Abaholi bamahostela bawusukumele umphakathi ngoba kunentsha ehlala emahostela nayo esifuna ihlale iyingxenye yezinhlelo zomphakathi," kusho uMashobane.
Emidlalweni iqembu laseLamontville likhale lemuka sesiklabhu kwase kuthi wonke amaqembu ebedlala ahlomuliswa ngomfaniswano webhola. UMashobane uthe ziningi izinhlelo usoseshini onazo ezizohlanganisa umphakathi. Uveze ukuthi unenhlangano engenzi nzuzo nayo ayisebenzisa ngokubambisana nosomatekisi ukusiza intsha yasemahostela. Ukuthuthukisa abesifazane basemahostela ngamathuba emsebenzi, ezemidlalo nemfundo, uthe ngezinye zezinto abasebenzela phezu kwazo.
UThusi wenhlangano uBumbano Lwamahostela, uthe lokhu bake bakwenza eminyakeni edlule kwase kuphazamisa iCovid 19.
"Sifisa namanye amadolobha anezindawo ezifana nezethu awukopele lo mkhuba ngoba uthuthukisa umphakathi. Abantu bamatekisi nabasemahostela baziwa ngodlame, okuyinto engelona iqiniso. Ukuba yingxenye yabantu abagqugquzela le midlalo sikwenziswa nawukubona imiphumelo yayo emihle. Sifisa namaqembu amakhulu ebhola azovumbulula abadlali emahostela," kusho uThusi.