SIYANDA isibalo seziguli ezinezimpawu zomkhuhlane ezihlwahlwa njengezine-Pnuemonia eNingizimu Afrika
Isikhungo esibhekelele izifo ezithathelanayo, iNational Institute for Communicable Disease (NICD) embikweni waso wakamuva mayelana nokusabalala komkhuhlane, sithe uhlelo olubheka iPnuemonia kuleli, iPnuemonia Serveillance Programme, luveza ukuthi kusukela ngoMeyi 26, uhlobo lomkhuhlane oluhlasele kakhulu abantu oludala iPnuemonia, i-influenza A ebuye yaziwe nge-H1N1. Abesikhungo bathi le influenza isihaqe abantu abangu-90 kwabangu-116 abanalesi sifo esidalwe ngamanye amagciwane. Bathi kulandela i-influenza B/Victoria ngezigameko ezingu-23 eziholele ekutheni iziguli zihlaselwe yiPneumonia.
Isikhungo sithi iziguli eziningi zihlaselwe zineSwine Flu zijwayele ukuba nezimpawu zomkhuhlane ezijwayelekile, okuhlanganisa umkhuhlane, ubuhlungu bomzimba, ukugodola, ukukhathala, umphimbo obuhlungu nekhanda elibuhlungu. Ngakolunye uhlangothi, ezihaqwe yigciwane iRespiratory Syncytial Virus (RSV) - enezimpawu ezicishe zifane nezeCovid-19 - ziba nenkinga yomgudu wokuphefumula, okuholela ekutheni zicinane esifubeni, kube nzima ukuthi ziphefumule kahle kwesinye isikhathi kube nomsindo esifubeni noma zikhwehlele kakhulu.
I-NICD ithe iqhathanisa izibalo zabantu abalaliswa ezibhedlela nabaya ezibhedlela belashwe babuyele emakhaya, benezinkinga zokuphefumula. Izinga liyalingana nelanyakenye, ngokwezibalo abazithole ezibhedlela ezizimele nakodokotela.
"Odokotela siyanxusa ukuthi uma iziguli zifika ziphethwe umkhuhlane zingakwazi ukuphefumula kahle bazihlolisise ukuthi zingenwe iliphi igciwane ngoba ukumkhuhlane obukeka ungenawo amandla ungaholela ekutheni umuntu agule kakhulu noma ashone, ikakhulukazi kubantu abasengcupheni," kusho iNICD esitatimendeni.
Iqhube yathi abantu ethe basengcupheni ngabesifazane abakhulelwe abanesikhathi esingaphansi kwamasonto ayisithupha, abanezifo ezingamahlalakhona kuzo okubalwa iHIV, isifo sikashukela, izifo zamaphaphu, isifo sofuba, izifo zezinso, izifo zenhliziyo, abakhuluphele ngokweqile, abantu abadala abaneminyaka engaphezulu kuka-65 nezingane ezineminyaka engaphansi kwemibili.
I-NICD ithe nakuba isizini yomkhuhlane isinesikhashana iqalile kusabalulekile ukuthi abantu bawugomele umkhuhlane ukuze bagweme ukugula kakhulu.