USENKINGENI umndeni obukhulisa owesilisa isidumbu sakhe esiduve emakhazeni emva kokubulawa ngokugwazwa ngumakhelwane, kubangwa iluzi kagwayi.
UMnuz Sinethemba Masiko (26) waseMgobhozi eMgababa ubulawe ngoJanuwari 7 kodwa akakangcwatshwa ngoba owesifazane obemkhulisa kuthiwa akavumelekile ukumngcwaba unina omzalayo engakatholakali.
UNkk Hlomeleni Skhakhane waseBotha’s Hill, uthi umufi wayemphiwe wuNksz Nomsa Mjoli, besahlala naye emqashweni KwaGcwensa khona eBotha’s Hill eminyakeni edlule. Uthi amaphoyisa awafuni ukumkhipha emakhazeni, athi kumele angcwatshwe wumuntu onesibongo esifana nesakhe, kawayizwa eyokuthi uNkk Skhakhane wayephiwe yena. UNkk Skhakhane uthi useneminyaka engamazi unina kamufi ukuthi washonaphi.
"Ngayithatha incane ingane ngokuvumelana naye kodwa senza iphutha lokungasayinelani phansi. Ngazama ukumthola ngo-2012 kodwa wangakukhuthalela ukwazana nengane. Seyize yalimala, siyamthungatha asimtholi, namaphoyisa afuna azosayina ukuthi singamngcwaba thina, ukuze kungabi nezinkinga," kusho uNkk Skhakhane.
Amaphoyisa asiqinisekisile isehlo sokubulawa kukaMasiko. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala uthe amaphoyisa aseManzimtoti ayaphenya ngesigameko.
Uthe kulesi sehlakalo kuboshwe owesilisa oneminyaka ewu-38, ovele eNkantolo yeMantshi eMlaza.
UNkk Skhakhane uthe egcina ukumbona uNksz Mjoli, wayemncanyana ngomzimba engemude kakhulu, ensundu ngebala, uke wahlala oThwebe ngaseCato Ridge.
Banxusa nomawubani ongaba nolwazi ukuthi amazise ngenkinga ababhekene nayo.