KUSOLWA umbango wokwelapha njengembangela edale ukuthi owesilisa obeyinyanga Ekuthuleni ngaseTshelimnyama adutshulwe abulawe ngumsolwa, naye okuthiwa uyisangoma, ngoMgqibelo ntambama.
UMnuz Tebello Qacha (27) waseLesotho kuthiwa udutshulwe emva kokuxabana nomuntu owaziwayo endaweni ngesikhathi bephuza.
Ngokuthola kweSolezwe kuthiwa umufi ubeke wadutshulwa amahlandla amathathu kanti kusolwa isangoma ngokumbulala. Umufi wasinda kulesi sigameko kodwa wagcina edutshulwe washona ngoMgqibelo.
Intombi kamufi, uNksz Nomazwe Sibango, ithe kade iphuma emsebenzini ngesikhathi uQacha eyishayela ucingo ethi ayiphathe inyama yethumbu khona ezolipheka ngoba uyalihalela.
“Ngifike endlini ngakhumula ngawasha izitsha ngaphinde ngayokha amanzi. Kuthe ithumbu ngisalifake emanzini ukuze kuncibilike iqhwa kwakhala ucingo ngishayelwa ngumfowethu wathi sebembulele umlamu wakhe. Indawo ashonele kuyo akuyona indawo ahlala kuyo. Ngiphuthume ngaleso sikhathi nomama ebenginabo endlini ngafica isidumbu sakhe silele eduze kwenye indlu. Angizange ngithole ncazelo kodwa izincazelo bengilokhu ngizithola kancane kancane ngesikhathi kukhuluma amalungu omphakathi. Ngesonto eledlule umufi ungishayele ucingo ngisemsebenzini wangitshela ukuthi kukhona umfana othwasayo omgeje ngezinhlamvu ezintathu ethaveni yaseDassenhoek. Ungitshele ukuthi umfana umzondela ukuthi yena wazi umuthi ekubeni yena (umsolwa) engakwazi ukwelapha. Ngicabanga ukuthi umbango wabo usukela ekwelapheni,” kusho uNksz Sibango.
UMNUZ Tebello Qacha obeyinyanga Ekuthuleni ngaseTshelimnyama kusola ukuthi ubulawe yisangoma kubangwa indaba yokwelapha ngoMgqibelo.
Ilungu lomphakathi, uMnuz Wiseman Nzimande, lithe baphatheke kabuhlungu ngendlela okwenzeke ngayo ngoba bebengalindele ukuthi kushone umuntu ngoMgqibelo ntambama kodwa isidumbu sakhe size sithathwe ngeSonto.
“Entathakusa ngabo 2 kufike amaphoyisa aKwaNdengezi athi abizwe ngu-10111. Kuthe uma efika athi akukho angakwenza ngoba awasebenzeli ngalapha athi azobiza amaphoyisa aseMariannhill afike emuva kwesikhathi eside,” kusho uNzimande.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker, uthe amaphoyisa aseMariannhill aphenya icala lokubulala emva kokutholakala kwesidumbu sowesilisa.
“Kusolwa ukuthi ngehora lesithupha izolo (ngoMgqibelo) ntambama, umufi ubesendaweni eyimijondolo Ekuthuleni ephuza nabantu abangaziwa. Kube nengxabano owesilisa oneminyaka engu-27 wadutshulwa ngumuntu owaziwayo. Umufi udubuleke esifubeni washonela endaweni yesehlakalo. Kuboshwe owesifazane oneminyaka engu-28 okusolwa ukuthi uyena odale ukuthi kuze kube nengxabano phakathi kukamufi nomsolwa. Umsolwa usathungathwa ngamaphoyisa kanti kulindeleke ukuthi abanjwe khona maduze,” kusho uNaicker.