KUBE ngenyantisa igazi ingozi eyenzeke kuthelawayeka uN4 phakathi kweMalelane neKomatipoort kufa umshayeli weloli.
Abezimo eziphuthumayo ngaphansi kwenkampani i-Emer-G-Med ngoMsombuluko emini babizelwe kulo mgwaqo ngemibiko yengozi ebandakanya amaloli amabili athutha amalahle.
“Sifike endaweni yesigameko sathola ukuthi amaloli amabili athwala amalahle ashayisane mahlanze ehamba ngesivinini esikhulu,” kusho uKyle van Reenen okhulumela abezimo eziphuthumayo.
Uqhubeke wathi ukushayisana kabi kwala maloli kwenze iloli elilodwa lagqamuka amalangabi.
Ngeshwa umshayeli oyedwa wesilisa okukholakala ukuthi useminyakeni yo40 ushe wangqongqa evaleleke elolini waphangalala khona lapho.
Lo mgwaqo usavaliwe njengoba abezimo eziphuthumayo namaphoyisa benza utakulo.