KUSHONE abantu abahlanu ngesikhathi iveni lishayisa unqenqema lomgwaqo kuN3 ngasePeacevale izolo.
UMnuz Russel Meiring, okhulumela abezimo eziphuthumayo i-ER24, uthe ngesikhathi befika endaweni yengozi ngabo-12.06 bathole iveni isibhajwe ezinsimbini ezakha unqenqema lomgwaqo abantu besaphazeke emgwaqweni.
“Sithole ukuthi abantu ababili bese beshonile, ibingekho into esingabasiza ngayo, abanye abahlanu bebelimele kakhulu, bekukhona nabebenemihuzukwana. Abasebenzi bazamile ukusiza abantu kodwa ababili kulabo akade belimele kakhulu bashona yize besizama ukuhlenga impilo yabo. Kwabashonile kukhona nezingane ezimbili. Emuva kokubaxilonga baphuthuniyiswa ezibhedlela ukuze bathole usizo,”
Akucaci ukuthi owesihlanu ushonele endaweni yesigameko noma endleleni eya esibhedlela.
UNksz Thobile Khwela oshonelwe ngudadewabo uNksz Nomcebo Khwela (23), uthe akazi bebephumaphi kodwa bebesendleleni ebuyela ekhaya uma ebuka.
Uthe bafice abantu belimele kanzima ngebhadi udadewabo eseshonile.
Akakwazanga ukuchaza okunye njengoba ebesaphatheke kabi.
UNksz Nomfundo Mcetywa woMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal ukuqinisekisile ukuthi kushone abantu abahlanu engozini yemoto eyenzeke ePeacevale izolo.
Uveze ukuthi abantu abane basesimeni esibi esibhedlela kanti abathathu abalimele kakhulu.
Uthe amaphoyisa asematasa nophenyo ukuze athole ngembangela yengozi.
ULt Col Thulani Zwane wamaphoyisa KwaZulu-Natal uthe amaphoyisa aseHammarsdale aphenya icala lokubulala ngokungenhloso emuva kokuthi iveni ebithwele abantu ibe sengozini.
“Bahlanu abantu abashonile engozini yeveni eyenzeke kuN3, ePeacevale namhlanje (izolo). Amaphoyisa asaphenya ngembangela yengozi, akekho obeseboshiwe okwamanje. Uphenyo luyaqhubeka,” kusho uZwane.