UNGQONGQOSHE wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi KwaZulu-Natal unxusa abashayeli ukuba baqaphele emgwaqweni emuva kokushona kwabantu abangu-12 ezingozini zomgwaqo kulesi fundazwe.
UMnuz Sipho Hlomuka uveze ukuthi kunethimba eliphenyayo ukubheka ukuthi ngabe baziphathe kanjani abebeshayela izimoto ezibandakanyeka ezingozini, ukuthi izimoto bezikufanele yini ukuba semgwaqweni nokuthi abashayeli bebenazo izincwadi zokushayela.
Abezimo eziphuthumayo beNetcare, ngokubambisana nabe-Emer-G-Med bathi kushone abantu abahlanu engozini ebandakanya iToyota Fortuner ne-Opel Corsa emgwaqweni onguthelawayeka uN2 ngaseManzimtoti ngeSonto.
UMnuz Shawn Herbst weNetcare, uthe ngesikhathi befika endaweni yesigameko babone ukuthi ezimotweni zombili bekunabagibeli abahlanu uma sebehlanganisiwe, umgibeli omncane bekuyintombazane eneminyaka emine.
"Bonke abagibeli ebebekulezi zimoto bese beshonile ngesikhathi kufika abezimo eziphuthumayo. Akuqondakali ukuthi ingozi idalwe yini. Imininingwane ngembangela yengozi iphenywa ngamaphoyisa," kusho uHerbst.
EBergville kushone abantu abayisikhombisa engozini ebandakanya itekisi neloli, eyenzeke kuN1 Highway eduze kweBergiville Plaza.
Abezimo eziphuthumayo be-ER24 bathi abagibeli abangu-13 ebebesetekisini batholakale belele phakathi nomgwaqo. Kusolwa ukuthi baphume ngesikhathi itekisi iphenduka ngemuva kokushayisana neloli.
UMnuz Russel Meiring we-ER24, uthe: "Kutholakale ukuthi abantu abayisikhombisa, okungabesifazane abane nabesilisa abathathu bashonile, abanye abayisithupha bebelimele, banikezwe usizo lokuqala base bephuthunyiswa ezikhungweni zempilo eziseduze ukuze bayolashwa.“
UHlomuka uthe angeke akuphikise ukuthi imvula enamandla ibe nomthelela ekwenzekeni kwalezi zingozi kodwa uMnyango wezokuThutha unxusa abashayeli ukuthi bashayele ngokucophelela.
Uthe njengohlelo lwempelasonto ende, babe nezinhlelo ezehlukene ukunqanda izingozi.
”Akwamukelekile ukuthi abantu abangu-12 balahlekelwe izimpilo zabo emgwaqweni. Sidlulisa amazwi enduduzo emindenini ethintekayo. Njengoba siya kwimpelasonto kwaKhisimusi sizoqinisa ekutshaleni amaphoyisa ezindaweni ezehlukene kanti sinxusa nabasebenzisa umgwaqo ukuba babambisane nathi.”