THOKOZANI NDLOVU
A CISHE adlana luhlaza amalungu ebandla lamaNazaretha okungaqondakali ukuthi abebangani okubonakale esehwithana ngeminazaretha ngaphambi kokuba kuqale icala lombango wobuholi baleli bandla eNkantolo eNkulu eThekwini izolo.
Bese kulindwe ukuthi kungene ijaji enkantolo ngesikhathi kusuka isixakaxaka.
Elinye ilungu lebandla ebelingawufakile umnazaretha belidonsa elinye ngomnazaretha lizama ukulikhiphela ngaphandle kwenkantolo ukuze lilixhimfe kahle. Elomnazaretha bese lizabalaze ngesicabha lilinga ukuphuma naso. Kuze kwangenelela amanye amalungu awahlukanisa.
Nangemuva kwecala amalungu aleli bandla abelokhu ema izixongololo kukhona akhala ngalo ukuthi liyadelela.
Kubukeka kuzothatha isikhathi ukuthi liphothulwe icala lombango wobuholi bebandla njengoba kungacaci ngosuku okuzongena ngalo abaseBuhleni ebhokisini lofakazi emuva kokuba bephothulile ukuthula obabo abaseThembezinhle.
NgoMsombuluko elizobuyela ngawo bekuzobe sekungena abaseBuhleni ebhokisini kodwa kwavela obunye ubufakazi.
Ummeli wabaseBuhleni, uRajesh Choudre, uveze ukuthi kunobunye ubufakazi bezithombe zomholi waseThembezinhle ezimveza eziphathise okweNkosi ngesikhathi esentabeni iNhlangakazi ngoJanuwari. Lokhu uthe kuyaphambana nomyalelo wenkantolo njengoba phambilini ithe akumele kube khona oziphathisa okweNkosi phakathi kukaMnuz Mduduzi noMnuz Vela Shembe lingakaphothulwa icala.
IJaji u-Achmat Jappie lithathe isinqumo sokuthi lisebenzise uMsombuluko elizocacisa ngawo ukuthi lobu bufakazi luyabemukela yini ukuthi buthulwe enkantolo.
Uma libemukela lokho kuzobe kusho ukuthi busazodonsa isikhathi nabo njengoba abaseBuhleni bethe banofakazi okuzomele agibele ebhokisini.
Ngokwejwayelekile uma kunofakazi omusha ovelayo icala liyadonsa ngoba kusuke kusazoxoxwa naye buphinde bushicilelwe phansi ngaphambi kokuba abethule enkantolo.
Ochwepheshe abathathu bezandla abavumelana ngokuthi yisandla soThingo ngqo esisencwadini yefa okusolakala ukuthi ingumkokotelo sebeqedile ukufakaza.
Kuqale uMichael Irving kweza uJannie Bester kwagcina uLeon Estherhuizen oqede ukufakaza izolo. Ngasohlangothini lwaseBuhleni kuzongena uchwepheshe oyedwa wezandla uColonel Frik Landman okuphikayo ukuthi yisandla soThingo esisencwadini yefa.
Ngesikhathi ephothula ubufakazi bakhe u-Estherhuizen izolo utshele inkantolo ukuthi akukho okushayisa amakhala ngesandla soThingo encwadini engatshazwayo uma iqhathaniswa nezinye olwazisayina.
“Ukuhluka kwesandla yinto ejwayelekile kunoma wubani uma ebhala noma esayina. Ngeke ubhale izinhlamvu ezifana ncimishi nezinye uma usuphinda noma ngabe kuyafana okubhalayo. Ukuhlobana kwezinhlamvu nokuhamba kwepeni ephepheni yikhona okukucaciselayo ukuthi yisandla somuntu oyedwa esisayinile. Ubufakazi bukazakwethu uLandman bokuthi kunomehluko awutholayo lapho kusayine khona uThingo buqinisa obami. Kuyinto elindelekile vele ukuthi kube khona umehluko esandleni somuntu uma esesayina okwesibili,” kusho u-Estherhuizen.