I-ANC KwaZulu-Natal iphelile, kudingeka yakhiwe kabusha.
Lokhu kushiwo nguSihlalo kazwelonke we-ANC, uMnuz Gwede Mantashe, othe kudingeka abunjwe kabusha amagatsha kulesi sifundazwe avithizwe wukufika kweqembu eliholwa nguMnuz Jacob Zuma, Umkhonto weSizwe.
UMantashe okusho lokhu izolo ekhuluma ne-SABC ngaphandle kwendawo obekubanjelwe kuyona umhlangano wekomiti elibhekele ukusebenza kwansuku zonke eBoksburg, eGauteng, uthe i-MK iyivithizile i-ANC eKZN.
“Iphelile i-ANC eKZN, kudingeka yakhiwe kabusha. I-MK iqedile ngale nhlangano kulesiya sifundazwe. Abantu bacabanga ukuthi ukwakha kabusha kusho ukuhlakaza yonke into kanti akunjalo, kulula ukwakha uma kunesisekelo. Safunda isifundo ngokuhlakaza bonke ubuholi phambilini okuba nzima uma usuwakha kabusha. Yingakho kulula ukwakha nokuvuselela lapho kukhona okuthile khona kunokuqala phansi lapho kungekho lutho,” kusho uMantashe.
Usho kanje sekunesikhathi ikhulunywa eyokuthi buzulelwa amanqe ubuholi bakulesi sifundazwe ngenxa yokwehlelwa ukwesekwa kwale nhlangano kuleli.
UNobhala Jikelele, uMnuz Fikile Mbalula, ekhuluma nabezindaba uthe bazobuyela kulesi sifundazwe ingakapheli inyanga njengoba kusona ukuzozizwela emagatsheni ngokwenzeka.
Uveze ukuthi asikathathwa isinqumo ngokuthi kuzokwenzakalani ngobuholi bakulesi sifundazwe.
UMbalula uthe bayazi kwenzakalani, wathi isigungu esiphezulu yisona esizokhipha umkhombandlela ngokumele kwenzeke.
“Sizoba nomhlangano wesigungu esiphezulu ekupheleni kwale nyanga. Abantu ababalelwa ku-600 000 bavotela i-ANC eKZN, abanye banquma ukungavoti. Ziningi izinto esingazenza eKZN kodwa asifuni kube sengathi kukhona esibabeka amabala ngokwehlwa kokwesekwa. Iqembu likaZuma lidale umonakalo. Amanye amalungu e-ANC abehobile kanti asebenza umshoshaphansi ne-MK okhethweni,” kusho uMbalula.
Uthe ukuhlakaza ubuholi akusona kuphela isisombululo esikhona ngoba zikhona nezinye izindlela zokulungisa isimo ngaphandle kokuhlakaza ubuholi.
Uveze ukuthi bahambele izifundazwe ezintathu okuyiKZN, Gauteng naseNorthern Cape, lapho le nhlangano yehlelwa ukwesekwa.
“Sizoya naseMpumalanga lapho sehlelwe khona ukwesekwa sisuka ku-70% saya ku-50%. Silungiselela ukhetho lohulumeni basekhaya osekusele cishe unyaka ngaphambi kokuthi lubanjwe,” kusho uMbalula.
Uthe ukucishwa kukagesi, inkinga yamanzi, ubugebengu, ngezinye zezinto ezenze abantu bangayivotela i-ANC.