INKANTOLO yoMthethosisekelo ivune iNkosi Vela “Imisebeyelanga“ Shembe njengomholi ofanele webandla lamaNazaretha.
Isicelo ebesifakwe yiNkosi Mduduzi “uNyazilwezulu“ Shembe, sokuphikisa isinqumo seNkantolo yokuDluliswa kwamaCala, esavuna iNkosi uVela, isichithile yabe isiyalela ukuba akhokhe zonke izindleko zecala.
Efunda isinqumo, uJaji Leona Theron uthe isinqumo esathathwa yiNkantolo yokuDluliswa kwamaCala, esasime kuleso esaphuma eMgungundlovu, yisona esifanele.
Isinqumo esakhishwa eThekwini, sokuthi iNkosi uVela yaqokwa ngencwadi eyayibhalwe phansi yokumqoka, yisona esimile njengoba kuwumthetho webandla ukuthi umholi okhotheme kuba nguyena oqoka osuke ezongena esikhundleni.
Incwadi eyabhalwa yiNkosi Vimbeni Shembe, uThingolwenkosazana, kuthiwa iyona esemthethweni futhi eyaqoka iNkosi uVela njengomholi.
Leli cala, ebese lineminyaka lisenkantolo, beliphakathi kohlangothi lwaseThembezinhle nolwaseBuhleni.
OlwaseBuhleni luholwa yiNkosi Mduduzi “Nyazilwezulu” Shembe, iThembezinhle iholwa yiNkosi Phinda Shembe emuva kokuba kukhotheme iNkosi Vela “Imisebeyelanga” Shembe.
Umbango obusenkantolo wasuka emuva kokuba kukhotheme uThingolwenkosazana Shembe ngo-2011.
Okwasusa umsindo kwaba ukuthi iNkosi Mqoqi Ngcobo yamemezela uNyazilwezulu njengomholi ekubeni kuthiwa yayingagunyaziwe.
Ngummeli, uMnuz Zwelabantu Buthelezi, owaba nobufakazi obuqinile bokuthi umholi ofanele yiMisebeyelanga ngoba wasebenzisa incwadi eyasayinwa wuThingolwenkosazana.
Icala lasuka Nkantolo eNkulu eThekwini laya eMgungundlovu lase lidluliselwa eNkantolo yokuDluliselwa kwamaCala eBloemfontein.