SICHITHIWE isicelo sezintatheli ezicele kumiswe ukuqulwa kwecala lokufa kukaSenzo Meyiwa ngesikhathi sokhetho ngoba zizobe zingekho enkantolo.
Kulindeleke ukuthi izwe liye okhethweni lukazwelonke olubhekwe ngabomvu ngoMeyi 29.
Isicelo sabezindaba sivezwe wuMshushisi woMbuso u-Advocate George Baloyi ngesikhathi kuguqiswa icala ngoLwesihlanu.
Icala lisheshe laguqa ngesikhathi sekhefu lesidlo sasemini ukuze kunikwe abameli noMbuso ithuba lokubhunga okuthile.
UMeyiwa wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo, eVosloorus eGauteng ngo-2014.
UMshushisi uBaloyi ethula udaba ucele ukubonana neJaji uRatha Mokgoatlheng ngasese. babhunge ngodaba lwabezindaba.
IJaji lithe uBaloyi akayibeke ebandla indaba, izwakale ukuthi bathini abezindaba.
UBaloyi uthe abezindaba bazobe bematasa nokhetho kodwa abafuni ukwedlulwa yicala, bebecela ukulindwa baze babuye.
“Nkosi yenkantolo abezindaba bebecela ukuthi icala liguqe ngesikhathi sokhetho ngoba zonke izinsiza zabo zizobhekana nokhetho. Bebecela ukuthi kubuywe sekwedlule ukhetho,’’kusho uBaloyi.
IJaji libuze ukuthi ithini indlu ngalesi sicelo, kwaqhasha ummeli u-Advocate Zandile Mshololo wathi ngeke kwenzeke kanjalo yena uyasiphikisa isicelo.
U-Advocate Thulani Mngomezulu weseke u-Advocate Mshololo wathi naye uyasiphikisa isicelo.
Omunye ummeli u-Advocate Charles Mnisi uthe abezindaba bekufanele bafake isicelo esibhalwe phansi esisemthethweni, hhayi ukuphathisa umyalezo kumshushisi.
IJaji lizwakale lingahambisani nesicelo libuza abameli ukuthi yake yabonakala yini into enjalo phambilini.
UBaloyi uthe ukholwa wukuthi lokhu kudalwa yindlela umphakathi omagange ngayo ngaleli cala.
Udaba lumunyungwe kwaphunywa nesinqumo sokuthi siyachithwa isicelo ngeke balindwe abezindaba.
Bekungaqali ukuthi kube nodaba lwabezindaba, phambilini uZandie Khumalo wayecele ukuthi bangabucosheli ubufakazi bakhe. Isicelo sikaZandie sachithwa, abezindaba baqhubeka nomsebenzi wabo.
Ngesikhathi icala liguqa bekulalelwe ubufakazi bukangoti wamaselula uLieutenant Colonel Gideon Gouws othi abamangalelwa babexhumana ngamaselula.
Kulindeleke ukuthi icala libuyele enkantolo ngoMsombuluko, kuqhubeke ubufakazi bamaselula.