KUBE nomunyu uphelezelwa yinjabulo kwabaphila nokukhubazeka ngesikhathi behlomula ngezindlu ezintsha kuWard 11, eSunnydale, eShowe ngaphansi koMasipala waseMlalazi.
UMkhandlu uMlalazi oholwa iMeya, uNkk Queen Xulu ngokubambisana noMnyango WezokuHlaliswa Kwabantu ubuyise isithunzi kubanikazi abasha bezindlu ubanika okhiye.
UMnuz Bongani Zulu uthe selokhu alimala ngonyaka ngo-2004 ubesebenzisa ibhakede ukuzikhulula kodwa manje usenendlu yangasese enezinsimbi zokubambela. Impilo yami izoshintsha kakhulu manje, ngeke sibe khona isidingo sokuphushwa uma ngisendlini,“ kubeka uZulu.
Lezi zindlu ezinamakamelo amane, zakhiwe zankulu ukuze ohamba ngesihlalo esinamasondo akwazi ukujika.Nasendlini yangasese kunezinsimbi zokubambelela okwenza ukugeza kube lula.
IMeya uXulu inxuse abanikazi abasha bezindlu ukuthi bangazidayisi noma baqashise ngezindlu. “Bekungangiphathi kahle ukuzwa ukuthi abanye balaba abaphila nokukhubazeka bayarenta, okuphoqa ukuthi bancunze yona le mali yesibonelelo. Njengamanje sengizolala obehlayo ngemuva kokufezekiswa kwephupho labakhubazekile abasenyongweni kumina,”kuphetha iMeya.
EMlalazi sisebenza ngokuzimisela ukuzinikela nangobuqotho.