KUBUYE ithemba kowesilisa waseSavannah Park obesekuphele izinyanga elinde impesheni yakhe yobudala kwaSouth African Social Security Agency (Sassa) ngenxa yokufana kwemininingwane kamazisi neyomunye.
UMnuz Sipho Makhaya (63) waseSavannah Park, eThekwini, uthe emuva kokukhuluma neSolezwe ngenkinga yakhe yokungayitholi impesheni, ushayelwe ucingo ngabakwaSassa eChatsworth bathi akeze azofaka kabusha isicelo sempesheni.
“Emuva kokuphuma kodaba lwami kwiSolezwe bangibiza kwaSassa base bethi angisiqale phansi isicelo sami sempesheni. Izinto zami zonke zize zahamba ngo-Ephreli 17 ngoba bekufanele ngihambise nemininingwane kankosikazi. Ngiyathemba ukuthi imali yami sengizoyithola ngoba sebeqinisekisile nakwiSolezwe ukuthi ngizohola ngoMeyi,” kusho uMakhaye.
Ubonge Isolezwe ngokungenelela kwalo esho ukuthi abasebenzi bakwaSassa basukumele phezulu emuva kokuthi udaba lwaziswe leli phephandaba.
Uveze ukuthi ubesentante kakhulu ezama ukulungisa udaba lwempesheni yakhe kanti okumenze nwathinta Isolezwe wukuthi yize ebesekwenze konke obekuthiwe akakwenze kodwa ebengayitholi impesheni.
“Ngatshelwa ukuthi kunomuntu ohola impesheni onemininingwane efana neyami. Ngayalelwa ukuthi angibhale isitatimende esifungelwe emaphoyiseni esichazayo konke ngami. Ngaphinde ngayalelwa ukuthi kufanele ngiye emahhovisi oMnyango wezaseKhaya aseNdwedwe ukuze ngilungise udaba lwami ngoba umuntu onemininingwane efana neyami owaseNdwedwe. Ngaya eNdwedwe ngathathwa amanyela eminwe kwathiwa udaba lwami luzolungiswa. Ngabuyela emahhovisi akwaSassa eChatsworth nakhona bathi bazolulungisa udaba lwami,” kuchaza uMakhaye.
Uthe ngoFebhuwari udaba lwakhe lwabhaliswa ngokusemthethweni kwaSassa eChatsworth kwathiwa uzoyithola impesheni yakhe ngo-Ephreli.
Kuthe uma sekuqala ukuholwa izibonelelo zabadala kule nyanga (Ephreli) naye walinda ukuthi uzosithola esakhe kodwa lutho.
UNksz Sandy Godlwana, oyisikhulu sezokuxhumana nokukhangisa eSassa KwaZulu-Natal, walusukumela phezulu udaba lukaMakhaye washo nokuthi bazosebenzisana noMnyango wezaKhaya ukululungisa.
Izolo uthumele incwadi eqinisekisa ukuthi isicelo sikaMakhaye sokuhola impesheni yabadala siphumelele futhi uzoyithola ngoMeyi.