BHODLA umlilo umndeni womfana ogwazwe washona ngaphandle kwesango lesikole eMlaza, ngoMsombuluko ekuseni.
Kuvela ukuthi uSamkelo Ngiba (19) obengumfundi waseKwazini High, obesexoshiwe, ugwazwe kathathu emqaleni ngumfundi ongaziwa ngaphandle kwesikole, wase eyabaleka.
Udadewabo kanina, uNksz Nomathemba Mkhize, uthe umufi uvuke izolo ekuseni, engumuntu ozoya ukuyocela ukubuyiselwa esikoleni ngemuva kokuthi exoshelwe ukubanjwa nezidakamizwa ngeledlule.
Uthe emva kwesikhashana, umufi ephumile engawufakile umfaniswano wesikole, kufike abafundi begijima bezobika ukuthi usegwaziwe.
“Sithathe imoto saphuthuma endaweni yesigameko samfica elele ngohlangothi evule amehlo, ikhanda libheke phezulu enamanxeba okugwazwa emqaleni.
“Ubeseshonile ngenkathi simfica ngoba ubenganyakazi kanti umzimba ubusubanda ngenkathi ngimthinta,” kuchaza uNksz Mkhize.
Uthe utshelwe ngabantu abazibonele isigameko ukuthi ngenkathi umufi eqhamuka ngaphesheya kwesango lesikole, kuvumbuke umfana obegqoke umfaniswano wesikole wamzuma ngommese, iphoyisa ebelidlula ngendlela lazama ukudubula umsolwa kodwa wabaleka.
“Esikoleni bathola insangu nephilisi iXanax emasokisini akhe, bamxosha ngoba besola ukuthi udayisela abanye abafundi ngaphakathi.
“Emva kokuhlala izinsuku ezimbalwa engayi khona, ube esebona kungcono azehlise aye ukuyokhuluma nothishanhloko acele ukubuya ngoba ubesikhonzile isikole,” kuchaza yena.
Uthe yize bengayazi imbangela yokubulawa ngesihluku kukaSamkelo kodwa usola umbango wokudayiswa kwezidakamizwa ngoba emasontweni edlule, uke wadalula ukuthi kunezimpi nabanye abafundi bakusona lesi sikole.
Uthe bebenakho ukusola ukuthi uSamkelo waqashwa ngumuntu okhulile wasendaweni ukuthi adayise izidakamizwa. Uqhube wachaza lo mfundi njengomfana obelungile futhi ehlonipha yize ebedayisa izidakamizwa.
“Kusho ukuthi ukudayisa kwakhe izidakamizwa kwaba ngukulingeka ngoba uphuma ekhaya elidonsa kanzima futhi ubekwazi ukuthenga ukudla uma kukhona imali anayo.
“Ubengagciningokuhlonipha umndeni wakhe kuphela kodwa nasemphakathini ubaziwa njengomfana ohloniphayo,” kubeka uNksz Mkhize.
Uthe ngemva kokubona lesi sigameko unina kaSamkelo ufana nomuntu ohanjelwe yingqondo ngoba akukhulumeki.
“Sifuna ubulungiswa futhi kumele kujeze wonke umuntu onesandla ekufeni kwengane yethu.”
Uyise kamufi, uMnuz Njabulo Madziba, uthe simshaqisile isigameko ngoba umufi ubewumuntu olungile futhi ubengazitsheli ukuthi kungase kube khona ofisa ukumbulala.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe kusolakala ukuthi ekuseni ngo-7.30, umfundi oneminyaka engu-19 ubengaphandle kwesango lesikole ngesikhathi egwazwa wumsolwa washona.
“Umsolwa ubaleke ngezinyawo endaweni yesigameko kanti imbangela yokubulawa kukamufi ayikaziwa,” kusho uConst Ngcobo.
Uthe kuvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyisa eMlaza, ukuze kuphenywe.