KUDUTSHULWE kwafa iphoyisa loMkhandlu weTheku ngoMgqibelo ebusuku liyobheka intombi eMlaza.
Ngokusho komthombo ongathandanga ukudalulwa, kulesi sigameko kubulawe ngokudutshulwa uMnuz Xolani Cele (40) wakwaJ eMlaza.
Kuthiwa senzeke ekhoneni lomgwaqo uMnini noMkhonzeni kwaM. Ngesikhathi edutshulwa kuthiwa ubengekho emsebenzini.
“Ubehamba ngemoto yakhe iVW Touran engenazo izinombolo, ubelinde intombi yakhe emgwaqweni,” kusho umthombo.
Uthi owesifazane ubesathi uyangena emotweni ngesikhathi eqaphela owesilisa angamazi, esondela ngasohlangothini obekuhleli kulo uCele, ephethe isibhamu esincane.
“Lona wesilisa kuthiwa ube eseqala lapho-ke edubula kaningi ebhekise ngakumufi. Owesifazane uthi uvule isicabha, wabaleka wayocasha ngemumva kwemoto,” kusho umthombo.
Uthi owesifazane uthe uma esezwa sekuthulekile singasaqhumi isibhamu, waphuthuma wayofuna usizo, kwase kufika amalungu omphakathi, kwalandela namaphoyisa.
Okhulumela uphiko lwamaphoyisa oMkhandlu weTheku, uSuperintendent Boysie Zungu uthe: “Yebo, sikhona isigameko esinjalo esenzekile kodwa sicela ukuthi sikhulume kahle nabezindaba kusasa (esho namuhla) ukuze sizokhipha ulwazi olufanele.”
Imizamo yokuthola umndeni kaCele igcine iphunzile izolo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseMlaza aphenya icala lokubulala.
“Bekuyizithuba zawo-7.30 ebusuku ngoMgqibelo ngesikhathi umufi oneminyaka engu-40 nomunye behleli emotweni yakhe ebimile ekhoneni lomgwaqo uMnini noMkhonzeni. Kuqhamuke owesilisa ongaziwa obehlome ngesibhamu, ovulele ngenhlamvu ebhekise kumufi ngaphambi kokuthi abaleke,” kusho uGwala.
Uthe uCele ubelimele kakhulu, wahlonzwa njengosethule endaweni yesigameko, kwathi abenaye wakwazi ukubaleka.
“Kulesi sigameko kuthathwe nesibhamu sikamufi somsebenzi,” kusho uGwala othe banxusa noma ngubani ongaba nolwazi ngomsolwa, athinte amaphoyisa aseduze, noma ashayele inombolo yokubika ngobugebengu ethi 08600 10111.