KHETHA SANGWENI
UDEDELWE ngebheyili kaR10 000 obewusihlalo webhodi leSAA uNkk Dudu Myeni olandelwa yizinsolo zenkohlakalo nokukhwabanisa.
UNkk Myeni uvele eNkantolo yeMansthi eRichards Bay nowayeyisikhulu seBosasa uMnuz Trevor Mathenjwa naye odedelwe ngebheyili yesamba esifanayo.
Uvezwe yisiteshi sezindaba i-eNCA uNkk Myeni esenkantolo noMathenjwa besebhokisini, kukhona obukeka njengommeli obefunda isitatimende samuntu obacelela ibheyili enkantolo.
Isiteshi sezindaba siqhubekile sathi baboshelwe izinsolo zenkohlakalo nokukhwabanisana. UNkk Myeni noMathenjwa bebebuye babonakale begobodisile ebhokisini, bebheke phansi.
Bobabili kuvele ukuthi bazinikele emaphoyiseni ngoLwesihlanu emuva kokuthi betshelwe ukuthi bazothweswa amacala enkohlakalo. UMbuso awusiphikisanga isicelo sebheyili kodwa ucele ukuthi badlulise izincwadi zokuhambela kwamanye amazwe.
UNkk Myeni noMathenjwa baphinde bayalelwa ukuthi bangalokothi bashintshe indawo yokuhlala ngaphandle kwemvume yabezomthetho.
UMathenjwa wayeyisikhulu senkampani iSondolo IT eyayingaphansi kweBosasa nokuthiwa iyathinteka ebugebengwini bamathenda. UNkk Myeni uke wavela phambi kwekhomishini eyayiphenya ukuqhwagwa kwamandla oMbuso enindwe wubufakazi.
Imibuzo eminingi wayenqaba ukuyiphendula, ethi wesaba ukuthi angase azidonsele amanzi ngomsele. UNkk Myeni ubaziwa ngokusondelana kakhulu nowayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma.