KUBOSHWE isikhulu sikaMasipala weTheku, umkaso, nosomabhizinisi abathathu abagcine ngokudedelwa ngebheyili kaR10 000, umuntu emunye besolwa ngamacala enkohlakalo.
Iphini lenhloko ophikweni lwezokuthengwa kwempahla kumasipala, uMnuz Sandile Ngcobo (41), umkakhe uNkk Vuyiswa Ngcobo (27), nabaqondisi bezinkampani ezintathu uMnuz Nkululeko Blose (39), uMnuz Hlenga Sibisi (44), noMnuz Mzwandile Dludla, bavele kafushane enkantolo yamacala aphathelene nemali eThekwini ngoLwesihlanu.
Omunye umsolwa, uBlose obuye aziwe ngoSithole, udume ngokuhlela imicimbi yobumnandi esuke ixhaswe wumasipala okubalwa kuyo iBraai Day.
UBlose uzakhele udumo ngendawo yobumnandi eyaziwayo edolobheni iTheku ngokuthi i-031, eyagcina ivaliwe emuva kwezikhalazo zabantu abakhelene nayo.
Kuthiwa uBlose weJobe and Sons Properties waziwa nangokuba nesitolo sokudla iSpar, esiseWentworth.
Okhulumela oKlebe, uBrigadier Hangwani Mulaudzi, uthe laba basolwa abahlanu badedelwe ngebheyili kaR10 000, bazobuyela enkantolo ngenyanga ezayo Februwari 25.
USOMABHIZINISI uNkule Blose, owayaziwa ngoSithole, ungomunye wabasolwa ngokugwazela isikhulu sikaMasipala weTheku. Isithombe: FACEBOOK/ NKULE SITHOLE
Uthe abasolwa baboshwe emuva kophenyo oluveza ukuthi uBlose, uSibisi noDludla bagwazela ngemoto yaR1 million, iJaguar ngo-2017, uNgcobo okuthiwa yayithengelwe umkakhe.
“Ithimba loKlebe lithole ukuthi kunemali enguR600 000 okuthiwa yakhokhwa ngokuhlukana, uR400 000 no-R200 000 izinkampani zabasolwa ababili ukuze kuthengwe le moto.
“Imali eyasala kuthiwa kwahanjiswa unyanyavu lwemoto ukuze kuvaleke isikweletu,” kusho uMulaudzi.
Uthe uphenyo luveza ukuthi imoto yathengwa ukuze uNgcobo ongusihlalo wethimba likamasipala elengamele ukukhishwa kwamathenda, akhiphele abasolwa amathenda kamasipala.
USOMABHIZINISI waseThekwini uHlenga Sibisi osephinde waboshelwa elinye icala lenkohlakalo ethinta umasipala weTheku. Isithombe: Doctor Ngcobo/African News Agency (ANA)
Ecacisa ngokuboshwa kukaNkk Ngcobo, uthe wemukela imoto ethengwe ngomkhonyovu, ngakho kumele ayoziphendulela enkantolo.
Abasolwa ababili, uNgcobo noSibisi, kuthiwa bangabanye babantu abathintekayo ecaleni lenkohlakalo elithinta owayeyimeya yeTheku uNkk Zandile Gumede abasolwa ngokukhwabanisa isamba sikaR389 million sethenda lokuqoqa udoti eThekwini.
Ngeledlule, uNgcobo uvele enkantolo ehambisana nabanye abasolwa okubalwa noNkk Gumede ngalo leli cala lenkohlakalo ethinta ithenda kadoti.
Ngokwemibiko enkantolo kwavela ukuthi oKlebe bashaqa imfumba yamaphepha emzini kaNgcobo ngonyaka odlule ngesikhathi beqoqa ubufakazi baleli cala.
Kuwo lawa maphepha kuthiwa kuvela ukuthi isamba sikaR181 million sakhokhelwa izinkampani ezithile kodwa umsebenzi zingawenzanga.
Inkosikazi kaNgcobo kuthiwa inesitolo sikanokusho iKids Emporium, esidayisa izimpahla zezingane ezibizayo enxanxatheleni yezitolo eBallito.