UKHOMISHANA wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Nhlanhla Mkhwanazi uthi azoboshwa amaphoyisa aphula umthetho ngoba akekho umuntu ongaphezu komthetho.
Usho lokhu emuva kokuboshwa kwephoyisa elisebenza esiteshini saseMpumalanga, eHammarsdale elibhekene necala lokushaya ngenhloso yokulimaza intombi yalo.
Lesi sigameko kuthiwa senzeke emgwaqweni uMthoko Mkhize ngeSonto.
Intombi yaleli phoyisa, uNksz Thandeka P Ngcongo inikele ezinkundleni zokuxhumana yabhala ukuthi amaphoyisa esiteshi iMpumalanga, eHammarsdale anqabile ukuyivulela icala uma iveza ukuthi ishaywe yiphoyisa elisebenza kulesi siteshi.
Lona wesifazane izolo ukuqinisekisile ukuthi likhona icala elivuliwe ngalesi sigameko.
Izolo ntambama amaphoyisa aqinisekise ukuthi nalo wesifazane ugcine eboshiwe ngecala lokushaya nokucekela phansi impahla emuva kokuthi iphoyisa nalo livule icala. Ngokwamaphoyisa, lo wesifazane ulishayile walimaza isicabha semoto yalo. Kuvela ukuthi bobabili bebedle amanzi amponjwana. Lusaqhubeka uphenyo.
ULt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi uthe akekho umuntu ongaphezu komthetho, ngisho namaphoyisa. Leli phoyisa lizovela enkantolo ngoLwesine.
Uveze ukuthi seluqalile nophenyo ngezinsolo zokuthi kunamaphoyisa anqabile ukuvulela owesifazane icala ngesikhathi ezobika ngokushaywa kwakhe esiteshini samaphoyisa.
Uma kukhona okubambekayo ngalezi zinsolo, uMkhwanazi uthe kuzoqala izinhlelo zokuqondisa ubugwegwe, ezizolandela imigomo yokusebenza kwamaphoyisa.
Uthe amaphoyisa alusukumela phezulu udaba lodlame olubhekiswe kwabesifazane elandela umthetho iDomestic Violence Act. Udonse ngendlebe amaphoyisa ukuthi abe yisibonelo esihle.
“Abesifazane nezingane kufanele bazizwe bephephile uma kukhona amadoda, kufanele bazibone bephephe kakhulu uma kukhona amaphoyisa noma ngabe engasebenzi.
“Amaphoyisa kufanele abe yisibonelo esihle, alwa nalo lonke uhlobo lobugebengu olubhekiswe kwabesifazane nezingane.
“Uma amaphoyisa enza noma ngabe yiluphi uhlobo lobugebengu, sizokwenza isiqiniseko sokuthi abhekana nomthetho,” kusho Lt-Gen Mkhwanazi.
Khonamanjalo uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza uzwakalise ukushaqeka ngezigameko zokuhlaselwa kwabesifazane ezithinta amaphoyisa.
Uzigxekile lezi zigameko esho nokuthi kumphethe kabi ukuthi amaphoyisa okufanele avikele abantu, yiwona anodlame.
Ube esedlulisa amazwi enduduzo emndenini wephoyisa lesifazane likaMasipala weTheku eligwazwe labulawa ngobeyisoka lalo naye obeyiphoyisa likamasipala.
Ubuye wagxeka ukushaywa kanzima kukaNksz Ngcobo wathi amaphoyisa kufanele awaphenye kabanzi lamacala athinta amaphoyisa noma ngabe enziwe wozakwabo.
Uveze ukuthi sebekhiphe ithimba losonhlalakahle elizosiza imindeni ethintekayo.
“Kusiphethe kabi ukuthi amaphoyisa enze lezi zigameko. Njengoba sekukhona ababoshiwe sikholwa ukuthi umthetho uzothatha indawo yawo. Sifuna izinkantolo zenze isibonelo ngabenzi balobu bugebengu obubi. Kufanele kucace ukuthi akekho ongaphezu komthetho,“ kusho uNkk Khoza.