LISHONE elayizolo sekuvele ukuthi “aboshiwe” amanye amaphoyisa abeyingxenye yemashi ebiseThekwini mayelana nezikhundla ngemuva kokuvela kwezinsolo zokucekelwa phansi kwempahla.
Siye koshicilela izolo izithombe zokuboshwa kwamanye alawa maphoyisa sezisatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana.
Ubuholi balawa maphoyisa bubizelwe emhlanganweni iziphathimandla zawo nokulapho okuthiwa afike aboshwa khona.
Amaphoyisa amabili asebuholini benyunyana akuqinisekisile izolo ntambama ukuthi ayaboshwa kodwa angachaza ukuthi mayelana nani.
Ngemuva kwesikhashana kade ekhulume naleli phephandaba izingcingo zawo bese zivaliwe.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier Vishnu Naidoo, uthe ngeke akuqinisekise ukuboshwa kwalawa maphoyisa, wathi angakuqinisekisa ukuthi angenele isiteleka esingekho emthethweni.
Uthe bazothumela isitatimende ngokuhamba kwesikhathi.
Lawa maphoyisa akhala ngokuthi ashiywe ngaphandle ngesikhathi abanye ozakwabo abasebenza kweminye imikhakha benyuselwa izikhundla.
Manje asebhalele noMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa emcela ukuba angenelele kulolu daba.
Kuphazamisekile ukuhamba kwezimoto enkabeni yeTheku izolo emini ngesikhathi amaphoyisa alinganiselwa ku-300 emasha esuka epaki kuBotha eya eCity Hall.
ESINYE sezithombe ebezikhombisa amaphoyisa abebhikisha okuthiwa aboshiwe izolo ebese sisabalele ezinkundleni zokuxhumana
Ngemuva kokungafiki kweziphathimandla zamaphoyisa ebezizothatha incwadi yezikhalo, lawa maphoyisa asukile eCity Hall alibangisa ekomkhulu lawo khona edolobheni lapho efike khona agxoba itoyitoyi ngaphandle kweminyango elinde uKhomishana wesifundazwe, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, ukuba amukele uhlu lwezikhalo zawo.
Le mashi yayizolo ibihlelwe yinyunyana entsha yamaphoyisa esohlelweni lokubhalisa, iSouth African Police and Workers Union (Sapawu).
Umgqugquzeli kazwelonke wale nyunyana, uConstable Lee Mchunu, uthe sebebhalele ngisho noRamaphosa bemcela ukuba angenelele ngoba bayabona ukuthi iziphathimandla azizimisele ngokubalalela.
UMchunu uthe into abakhala ngayo kakhulu ukuphathwa ngendlela engalingani yiziphathimandla njengoba kukhona abanyuselwe izikhundla abanye bashaywa indiva.
“Isiphethe kabi le nto yokuthi lapha emaphoyiseni kuthiwe kukhona ababalulekile kunamanye ngoba leyo nto isihlukanisa phakathi futhi iphazamisa nokusenza,” kusho uMchunu.
Uthe bafuna ukuthi wonke amaphoyisa okufanele anyuselwe izikhundla lokho kwenzeke ngaphambi kokhetho lwangenyanga ezayo.
Usabise ngokuthi bazowuqinisa umkhankaso wabo uma iziphathimandla zingazimisele ngokubalalela.