BAKHALELWE amasongo kaSigonyela abantu abathathu okusolwa ukuthi basabise owesifazane bemphoqa ukuthi avotele liphi iqembu lezepolitiki.
Abasolwa abaneminyaka ephakathi kuka-48 no-55 kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yaseRitavi ngoLwesine.
Amaphoyisa athi ngoLwesibili babikelwe owesifazane okuthiwa ufike esikhungweni sokuvota esikoleni iXibukulwana Secondary, eRunnymede, eyovota.
Kusolakala ukuthi kuqhamuke abesifazane ababili nowesilisa abambuze ukuthi uzovotela yiphi inhlangano yepolitiki.
Kubikwa ukuthi lo wesifazane ube esebatshela ukuthi ivoti lomuntu liyimfihlo.
Kusolwa ukuthi laba abathathu bavele bamsabisa bamyalela ukuthi avotele liphi iqembu ngoba uma engakwenzi lokho, uzobe ebeka impilo yakhe engcupheni.
Okhulumela amaphoyisa eLimpopo, uBrigadier Hlumani Mashaba, uthe umgilwa ube esebika udaba lwakhe kubasebenzi bekhomishini yokhetho i-IEC, ababe sebebikela amaphoyisa.
UMkhuzi wamaPhoyisa eLimpopo, uLieutenant General Thembi Hadebe, uthe ukuboshwa kwalaba abathathu kungeminye yemizamo yabo yokulwa nodlame nokuqinisa ezokuphepha ngalesi sikhathi sokhetho.