OKLEBE babophe abantu abangu-20 abasolwa ngokuphehla izibhelu zokutatshwa kwezitolo KwaZulu-Natal naseGauteng ngoJulayi 2021.
Abasolwa kulindeleke ukuthi bavele enkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesihlanu ekuseni.
Baboshwe ezifundazweni ezahlukene okukhona kuzona iKZN, Gauteng, North West, Free State, Western Cape naseNorthern Cape.
Bathweswe amacala okuphehla udlame, ukugqugquzela udlame, nelokuhlela ukushisa. Kuthiwa babenza lokhu besebenzisa izinkundla zokuxhumana nangezinye izindlela kusuka ngoJulayi 9 kwaze kwaba uJulayi 18.
Kulezi zigameko, kwashona abantu abangaphezu kuka-350 kwadaleka umonakalo obalelwa kuR50 billion.
OKlebe bathi kulindeleke ukuthi kuboshwe nabanye abantu kuleli cala.
Inhloko yoKlebe kuleli, uLieutenant General Godfrey Lebeya ulishayele ihlombe ithimba labaphenyi nelabashushisi ngomsebenzi wabo athe uyancomeka.
ULebeya uqinisekise izakhamuzi ukuthi oKlebe ngaphansi kolawulo lwakhe bazoqhubeka benze umsebenzi wabo ngaphandle kokwesaba nokwenzelela.