ININGI labantu eNingizimu Afrika, liyazibuza ukuthi kuzokwenzakalani ngecala elithinta ukubulawa kukaSenzo Meyiwa, owayengunozinti we-Orlando Pirates, kanjalo neBafana Bafana.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa, uthathe isinqumo sokummisa emsebenzini ngemuva kokwelulekwa yiJudicial Service Commission (JSC).
Iphephandaba likhulume nongoti kwezomthetho, u-Adv Mpumelelo Zikalala, wathi zimbili izinto ezingenzeka kuleli cala.
Uthe okokuqala uMengameli Ramaphosa ummisile uJaji Tshifhiwa Maumela kodwa lokho akusho ukuthi angawaqedeli amacala aphambi kwakhe njengamanje.
“Kungathiwa kuJaji Maumela, qedela lokhu obesewukuqalile, vele ummiselwe ukuvilapha ukubhala izinqumo hhayi ngoba engawazi umsebenzi kumbe ehluleka,” kuchaza u-Adv Zikalala.
Uthe okwesibii angasuswa kungene ijaji elisha nabasizi balo ababili. “Bazohlala phansi babheke lokho abavumelana ngakho, bese begxila kukona. Isibonelo ukuthi babebangakhi abantu ababesendlini, bayavumelana yini ngomphumela we-identity parade, nokunye abangase bavumelana ngakho, icala libe seliqhubeka kanjalo,” kubeka u-Adv Zikalala.
UMeyiwa wabulawa ngo-Okthoba 2014, evakashele kubo kwesithandwa sakhe uKelly Khumalo. Kunalabo abakholelwa ekutheni uSenzo wabulawa ngumuntu owayesendlini ngalobo busuku kanti bonke ofakazi bavumelana ngezwi elilodwa lokuthi kwangena izigebengu nokuyizona ezabulala uSenzo.
Njengamanje akhona amadoda amahlanu aboshiwe ngaleli cala.