UMNDENI womfundi waseMkomaas Secondary, uLethokuhle Simphiwe Gumede, ugqemeke udume lwengozi kungakapholi nezilonda zokudlula kwelungu lalo emhlabeni. Ngokusho komthombo ongaphakathi emndenini, bese ziphothuliwe izinhlelo zokufihlwa kukaLethokuhle (14) kodwa kwathi ngomzuzu wokugcina kwafika omunye umndeni wathi kungenzeka ukuthi isidumbu esitholakele ngesawo.
“Wabhaliswa ngoLwesibili, kwafika umyalezo othi kunabanye abathi nabo banomuntu obalahlekele eThekwini. Umndeni uzokwenza ulibofuzo emakhazeni ngoMsombuluko.
“Kwathiwa uma sinaye udokotela wethu ozimele singayisa amasampula ethu, nohulumeni emakhazeni uzothatha awakhe amasampula olibofuzo. Ngakho sisalinde into efana naleyo. Kunzima-ke ngoba bese sizitshela ukuthi sesikhale sadela kwase kuvela isimo esifana nalesi,” kusho owomndeni ocingweni, kodwa elingatholakalanga igama lakhe ngenxa yokuthi ubesaxinekile. Uthe uzoze akhulume kahle ngalolu daba namhlanje.
Isidumbu sikaLethokuhle waseDanganya, eMgababa, size satholakala ngoLwesibili ngezithuba zawo-11.50 ekuseni, emuva kokuba emuke nolwandle ngeSonto eledlule, ngezithuba zabo-12.20 emini.
Umkhulu kamufi, uMnuz Sindile Gumede, uthe uLethokuhle utholakale elinyazwe kabi wulwandle.
"Umndeni nezihlobo basathukile futhi akukamukeleki ukuhamba kwakhe umfana. Nokho-ke sibonga ukumthola."
ULethokuhle uphenduke iqhawe ehlenga umngani wakhe obemuka kodwa yena akabange esaluthola usizo, wagcina ehambe kanjalo namagagasi. Ngokusho kukaGumede, umzukulu wakhe umukiswe ngamagagasi asolwandle olungasemtholampilo eDanganya Area 5A.
"Zithi izingane zakwamakhelwane bezinyenyile ziyobhukuda. Kube sekumuka ingane yakwaMsomi engumngani wabo. OLetho nabanye basalile ngenkathi abanye beyobiza umzali walo omukayo yilapho uLetho ebe nozwelo, wangena wakhipha umngani wakhe. Ngebhadi yena akazange esakwazi ukuphuma. Bathi bambone esephakamisa isandla, efuna usizo, ngebhadi bona abakwazanga ukumsiza."
"Silusizi emndenini wakwaGumede ngomzukulu wethu okunguyena omdala kunabanye ekhaya," kuphetha uGumede.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela kungakatholakali okhulumela umndeni omunye nokuthi ungowakwabani.