KUFE abantu abane ngesikhathi iloli lishayisana nezimoto encane ezine emgwaqweni uDurban, eGreytown, emini ngoLwesine.
Ngokusho kokhulumela abezimo eziphuthumayo iKZN EMS, uMnuz Robert McKenzie, uthe phakathi kwabashonile kukhona kubo umama nosana.
“Ngezikhathi zasemini kube nengozi enyantisa igazi eGreytown, lapho kushayisane khona iloli nezimoto encane. Kule ngozi kudlule abantu abane okukhona kubo umama nengane,” kusho uMcKenzie.
Uthe abezimo eziphuthumayo babaphuthumise ezibhedlela.
Okhulumela Amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembela Mbele, uthe kuvulwe icala lokubulala ngokungenanhloso esiteshini samaphoyisa aseGreytown.
“Kusolwa ukuthi ngezithuba zawo-11, iloli lishayisane nezimoto ezincane eziwu-4 edolobbheni laseGreytown emgwaqweni uDurban. Lezi zimoto bezipakiwe eceleni kwalo mgwaqo. Kufe abantu abane endaweni yesigameko kanti abanye balimalile,” kusho uCol Mbele.
Uthe amaphoyisa asaphenya.