UMNDENI wePhoyisa loMkhandlu weTheku elabulawa ngokudutshulwa uthi ufuna ukubona umkalo ebhadla ejele impilo yakhe yonke ajeze ngakwenza.
Uthe yingakho nje isigwebo senkantolo usibheke ngabomvu.
UCaptain Zwelakhe Thomas Ntombela wadutshulwa esemzini wakhe okwa-S, eMlaza, ngoMeyi 3, ngonyaka odlule. Waphuthunyiswa esibhedlela eMedical Towers eSiphingo okuyilapho okwafike kwamenela khona.
Ngemuva kwalokho, kwaboshwa inkabi uSipho Ntombela eyageqa amagula enkantolo ngalo lonke itulo yavuma ukuthi yayithunywe nguNkk Faith Ntombela ongumakoti kamufi.
Inkantolo yabe seyimgweba iminyaka engu-20 ebhadla ejele uNtombela.
UNkk Ntombela wabe eseboshwa noMnuz Sithembiso Khumalo onguthishanhloko naye osolwa ngokubamdibimunye nabamangalelwa ngesikhathi setulo.
Kwavela negama lenkabi esejele neyesatshwayo KwaZulu-Natal, uKhulani Cele njengoba kuthiwa yiyona eyayimkhuthaza uNkk Ntombela ukuba abulale umyeni.
Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, uNkk Ntombela ugonyuluke ngetulo lokubulala umyeni walivuma icala eNkantolo eNkulu yaseScottburgh.
Kwavela nokuthi uNkk Ntombela waqala wazama ukumbulala ngoshevu umyeni wakhe kodwa lelo tulo lagcina libhuntshile.
Emasontweni edlule, uNkk Ntombela uthe wakhaa itulo lokubulala umyeni wakhe ngoba wayekade emhlukumeza.
Namhlanje elamanqamu njengoba kulindeleke ukuthi agwetshwe yinkantolo enkulu.
UMnuz Nkosinathi Ntombela oyiwele likamufi, uthe kwabadumaza kakhulu okwenziwa umakoti wabo.
Uthe namhlanje basibheke ngabomvu isinqumo seNkantolo eNkulu yeTheku.
"Sifuna ukubona inkantolo imgweba udilikajele umakoti ngento eyisihluku ayenza. Wazibulala ziphila izingane zakhe njengoba manje sezingenabazali, njengoba naye esejele nje,'' usho kanjena.
UKhumalo ungaphandle ngebheyili. Uzobuyela enkantolo ekuqaleni konyaka ozayo, lapho sekuzobe sekuzoqulwa elakhe icala yedwa.